Kunxuswa abantu bakuleli ukuthi baqhubeke nokudla imishanguzo yabo
Image: SIGCINIWE
KUHLATSHWE ikhwelo ebantwini abebemukela imishanguzo yokuthithibalisa ingculazi ezikhungweni ezivaliwe kuleli ngenxa yokuhoxiswa koxhaso lwaseMelika, ukuthi bangayeki ukudla le mishanguzo njengoba bezokwazi ukuyithola emitholampilo ehlukene.
Leli khwelo lihlatshwe ngokhulumela uMnyango wezeMpilo, uMnuz Foster Mohale, kulandela isinqumo sikaMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, sokuhoxisa uxhaso lwemali ebifakwa ezinhlelweni zokulwa ne-HIV kuleli, ngaphansi kwe-USAID ne-Pepfar.
"Abantu abebelanda imishanguzo yabo kulezi zikhungo abangadikibali, bayeke ukudla le mishanguzo ngoba bethi azisekho izikhungo abebezisebenzisa. Abaye ezikhungweni zezempilo ezikhona lapho behlala khona noma emitholampilo, lapho bezokwazi ukuthola khona imishanguzo yabo," kusho uMohale.
Uthe baxhumene nezifundazwe ukuthi zenze izinhlelo zokusiza labo abebethola usizo kulezi zikhungo ezivaliwe.
"Akekho ongeke angayithole imishanguzo yakhe ngoba isikhungo abesizakala kusona sesivaliwe. Asifuni kube khona abazoyeka ukudla imishanguzo bevika ngokuthi izikhungo zivaliwe," kuqhuba uMohale.
Uveze ukuthi bazohlangana nezinhlaka ezehlukene okubalwa nezinhlangano ezingenzi inzuzo, ezishayekile ngesinqumo sikahulumeni waseMelika sokuhoxisa uxhaso.
"Sifuna ukuzitholela ulwazi oluthinta ukuthi ukuhoxiswa kwalolu xhaso kuzozishaya kangakanani lezi zinhlangano. Siyalincoma iqhaza lazo empini yokulwa neHIV/AIDS kanjalo neTB," kusho uMohale.
Ngeledlule, lezi zinhlangano zithole izincwazi ezivela ngaphansi kohlelo lukaMengameli waseMelika, i-US President’s Emergency Plan for Aids Relief (Pepfar) ezaziveza ukuthi selunqanyulwe unomphela uxhaso.
Phambilini, uTrump walumisa lolu xhaso ngoba ethi usabuyekeza izinto ezithile kulona.
Ukulimisa unomphela kudale itwetwe kuleli njengoba ziningi izikhungo okubalwa naKwaZulu-Natal, ebezihlomula ngaphansi kwalolu hlelo lokusabalalisa ama-ARV emiphakathini ehlukene. Kubuyisela emuva nempi ephakwa nguhulumeni yokulwa ne-HIV njengoba lo mnyango usanda kumemezela ukuthi usezinhlelweni zokucinga abantu abangu-1.1 million, abangayidli imishanguzo yabo.
Iningi labacingwayo ngabesilisa abazohlaselwa ngisho ezindaweni abagcwala kuzona okubalwa namathaveni, ukuze bamukeliswe imishanguzo yabo.