IMEYA yeTheku uMnuz Cyril Xaba noKhomishana wamaPhoyisa eTheku uMnuz Sibonelo Mchunu ngesikhathi kwethulwa amaphoyisa amasha azoqinisa ezokuphepha njengoba sekuqale isikhathi samaholidi okuphela konyaka Isithombe: SITHUNYELWE
KUNXUSWE ukuthi azibambe ziqine ukubhekana nezinselelo zomsebenzi wawo amaphoyisa kuMasipala weTheku asengamathwasa abethulwa ngokusemthethweni ngoMsombuluko.
Umcimbi obuvulelekile wokwethulwa kwamaphoyisa angu-500 kulo masipala asanda kuphothula ukuqeqeshwa kwawo, ubusenkundleni yezemidlalo i-Kings Park, eThekwini. UKhomishana wawo uMnuz Sibonelo Mchunu ugcizelele ukuthi izinga lokuqeqeshwa kwawo lenza akulungele ukubhekana nezinselelo zomsebenzi wokuvikela umphakathi njengoba kuqala isiphithiphithi samaholidi okuphela konyaka.
“Namuhla wusuku lukuvuna izithelo zokusebenza kanzima niqeqeshelwa izinselelo enizobhekana nazo esikhathini esizayo. Imindeni yenu izojabulela amaholidi okuphela konyaka ngaphandle kwenu. Uma nibuyela emakhaya, nizobuya nikhathele niphumule amahora ambalwa nibuyele emsebenzini wokuvikela isizwe,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi izinkumbi zabantu zizothutheleka kuleli dolobha ngesikhathi samaholidi, ngakho zithembele kuwo ukuthi aqinisekise ukuphepha kwazo.
IMeya uMnuz Cyril Xaba, ikhuluma kulo mviliyelo, ithe kunesinqumo esenziwa sokuthi unyaka nonyaka kuqashwe amaphoyisa evile ku-400 kuze kube isibalo sawo sifinyelela ku-5000. Uthe lokhu kuzobuyisa ithemba kuwona wonke umuntu, ekulweni nesihlava sobugebengu.
Lo masipala uthe ulindele ukumumatha izivakashi ezingu-1.3 million ezizohambela ezingxenyeni zawo ziphuma ezindaweni ezehlukene ukuzochitha amaholidi kaDisemba. Ngu-R6.3 billion imali okulindeleke uyiqoqe kanti angu-11 000 amathuba omsebenzi okuthiwa avulekile ngalesi sikhathi sonyaka. Zingu-170 izimoto ezintsha zamaPhoyisa kuMasipala weTheku ezithuliwe okuthiwa zizolekelela ukwenza umsebenzi wawo ubelula.
Phambilini umasipala uqinisekise ukuthi wonke amabhishi asevuliwe.
Related Topics: