ABALISA bokufika babanjwe oqotsheni bedayisa iziqu zasenyuvesi Isithombe: SITHUNYELWE
AMADODA amabili okufika abekholwa wukuthi abantu akufanele balubhade emanyuvesi nokuthi akumele bafunde ngokuzikhandla ukuze bathole umvuzo, kepha beze kuwona nemali ukuze babagixabeze njengabafundileyo ngeziqu zasenyuvesi yize bengakaze bawubone umbombo we-lecturer, acushelwe umgoga ngamaphoyisa zawakhalela.
La madoda abengagcini ngokuthengisa iziqu kuphela, kodwa abethengisa omazisi, izincwadi zokushayela nezitifiketi zika-matric.
Abanjwe ngeledlule, engazi nanyaka, eqhuba njengenjwayelo umshikashika wawo wokudayisa nencwadi kadokotela eVerulam, eThekwini. Kuhlaluke ukuthi eyodwa idabuka eZimbabwe kanti enye ingeyaseMalawi.
Emva kokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela, aveze ubuso eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, ngoLwesihlanu, kwase kuthiwa awabuyele enkantolo efanayo ngoLwesihlanu olulandelayo ezocela ibheyili.
Athweswe icala lokukhwabanisa.
Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa asanda kubhadama ihhovisi loMnyango wezaseKhaya eliwumbombayi ebhilidini eliseGreyville, eThekwini.
Kulelo hhovisi kuthiwa bekwenziwa yonke into etholakala emahhovisi oMnyango wezaseKhaya angempela.
Bekuhamba phambili umsebenzi wokushadiswa kwabantu bokufika nabesifazane abayizakhamuzi ezisuke zilahlekelwe omazisi bazo ngemali esuka ku-R18 000.
Abasolwa okungamadoda amabili asePakistan nase-India bangaphandle ngebheyili.
Esehlakalweni sakamuva, Isolezwe lihabule ngomthombo walo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, othe abasolwa bebekade benendawo eyi-internet cafe eVerulam Center, lapho bebeqhuba khona umshikashika wabo.
Kuthiwa la madoda abebhekwe ngeso lokhozi amaphoyisa kusukela ngoNovemba.
NgoLwesithathu acushelwe umgoga amaphoyisa afumbathise umuntu imali, amthuma ukuthi ayothenga isitifiketi sika-matric nelayisensi yokushayela imoto obekukade kubiza u-R4 500 kukokubili.
Isithunywa samaphoyisa sifike sanikezwa isaphulelo sika-R500 sagcina sikhokha u-R4 000 sabuya “nebesikufuna“.
“La madoda kusolakala ukuthi abekade edayisa kwasani kusukela komazisi, izincwadi zokushayela imoto, iziqu ama-Degree nama-Diploma, izitifiketi zaka-matric ngisho nezincwadi zikadokotela,” kusho umthombo.
Kuthiwa amaphoyisa kuthe uma ebona abemthumile ebuya nalezi zinto angena kule ndawo ehlome nangamaphepha awagunyaza ukuba ayiseshe.
Kuthiwa afike apequlula esesha kwasani, avuka nezinto eziningi okukhona amakhompyutha, ama-laptop, ama-hard drive, keyboards, imishini okungama-printer, scanners, nama-photocopying machines.