UMHOLI wamaNazaretha aseGinyezinye, iNkosi Mudliwamafa Shembe, okuwuhlangothi oseluthathe isinqumo sokusukumela olokunyuka intaba ngonyaka ozayo Isithombe: SITHUNYELWE
AMANAZARETHA aseGinyezinye ngaphansi komholi walolu hlangothi lwakaShembe, Inkosi uMudliwamafa Shembe, akhala ngoNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ngokuwenzela phansi odabeni lokunyuka intaba iNhlangakazi njengoba esezonyuka kugcina kunezinye izinhlangothi.
Lokhu kuza emva kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwini esiyalele ukuthi abaseGinyezinye bazonyuka kugcina kade kuyibona abebesekuqaleni ohlwini ngaphambi kokuthi kufakwe isicelo enkantolo.
UNgqongqoshe wezamaPhoyisa ubefake isicelo ngohlelo abelwenzile lokuthi izinhlangothi zakwaShembe zizoshintshana kanjani ukunyuka intaba.
UMvangeli Doda Ngcobo okhulumela abaseGinyezinye, uthe benzelwe phansi amaphoyisa ngokuthi bagcine bebekwe ekugcineni ekunyukeni intaba.
“Okwenzeke enkantolo sikuthatha njengesekisi nje futhi ungqongqoshe uyena osenzele phansi. Uhambise uhlu obelusibeka phezulu ukuthi yithina esizonyuka kuqala kodwa uma sesiguqulwa yinkantolo lesi sinqumo, akabange esaya enkantolo ukuqinisekisa ukuthi kuhamba ngokohlelo lwakhe.
“Thina besingazange sifake maphepha okuphikisa udaba oluyiswe enkantolo kodwa ijaji lavele lanquma ngaphandle kokubheka zonke izinhlangothi. Nakhona linqume lisebenzisa umlando wokuthi laba abanyuka kuqala bavunwa wumlando wokuthi ibandla elasekuPhakameni, ngakho kumele kube yibona abanyuka kuqala. Njengoba linqume ngalolu hlobo nathi sinawo umlando osivunayo ukuthi sibe ngabesibili ukunyuka intaba njengoba sebesibeke ekugcineni nje,” kusho uNgcobo.
Uthe ngokomlando bona bebeba ngabesithathu ukunyuka intaba belandela abaseBuhleni.
“Njengoba abaseBuhleni sebathatha isinqumo sokuthi banyuke eyabo intaba, lokho kusenza sibe ngabesibili ukunyuka intaba. Ukube besiwafakile amaphepha lokho bekuzovela. Ingakho sithi ijaji alikubhekanga lokho ngoba bekumele liwafune amaphepha aqhamuka ohlangothini lwethu ukuze bezwe uvo lwethu njengoba lithathe isinqumo lisebenzisa umlando wabasekuPhakameni abathi kufanele banyuke kuqala ngezizathu abazibekile,” usho kanje.
Ijaji ebelisingethe leli cala liphinde lanxusa ukuthi zonke izinhlangothi ziluxoxe zodwa lolu daba ukuqhamuka nesixazululo ngezinhlelo zeminyaka elandelayo njengoba selinqumile ngohlelo lwangonyaka ozayo.
UMvangeli Ngcobo uthe ngeke bakwazi ukuthi babe yingxenye yezingxoxo ezizoyiswa kumxazululi ngoba nazo zizodla imali yabazalwane kungenasidingo. Uthe bona bahlangene ngokukholwa futhi abajatshuliswa ukuhamba amacala azodla imali yabazalwane kungenasidingo. Uthe okusezinhlelweni zabo ukuthi bafake isicelo sokubuyekeza lolu daba ngonyaka ozayo uma sekubuywa entabeni.
UMchunu usanda kuzihlangula emsakazweni Ukhozi FM, wathi akangene ngqo odabeni lwakaShembe kepha amaphoyisa asebenzisa isikhundla sakhe ezintweni zasenkantolo njengoba kunguye ophethe umnyango.
Ngokohlelo olusha emva kwesinqumo senkantolo, abasekuPhakameni abaholwa yiNkosi Vukile Shembe Incoyincoyi, bazonyuka ngoJanuwari 2, babuye ngoJanuwari 8, abaseBuhleni abaholwa yiNkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu, bazonyuka ngoJanuwari 5, baze babuye ngoJanuwari 24, kuthi abaseThembezinhle abaholwa yiNkosi Phinda Shembe Ukukhanyakwelanga, banyuke ngoJanuwari 9, babuye ngomhlaka 15, bese kugcina iGinyezinye eholwa iNkosi Mudliwamafa Shembe ezonyuka ngoJanuwari 16, ibuye ngomhlaka 22.
Related Topics: