ISIKHULU esiphezulu kwaSassa esimiswe emsebenzini ngoba siphenywa ngokuqashwa kwaso, uNkk Busisiwe Memela-Khambula Isithombe: X
SIHLATSHISWE ikhefu emsebenzini isikhulu esiphezulu esikhungweni esiholela izimpesheni kuleli, i-South African Social Security Agency (Sassa), ukuze kuphenywe indlela esaqashwa ngayo kulesi sikundla.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Nokuzola Tolashe umhlabise ikhefu emsebenzini uNkk Busisiwe Memela-Khambula.
Isikhulu esimisiwe sizoqhubeka siwuthole uphelele umholo waso ngesikhathi sisekhefwini. Kuvele ukuthi isikhulu sizomiswa kuze kuphothulwe uphenyo oluqhubekayo mayelana nokuqashwa kwaso.
Izintambo zizobanjwa nguMnuz Themba Matlou, ongumphathi we-Sassa eGauteng, kuze kube luyaphothulwa uphenyo.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba ngoLwesithathu, ungqongqoshe uthe uMvikeli woMphakathi uveze izinto eziningi athe kazihambi kahle ka-Sassa.
Uthe yikhona okumenze wasukuma wathatha isinqumo sokumisa uNkk Memela-Khambula.
“Ngimumise emsebenzini ukuze kungabi khona izithiyo noma ukuphazamiseka ophenyweni oluzobe lwenziwa. Ukumiswa kwakhe emsebenzini kumqoka ukuze kuvikelwe isithunzi se-Sassa,” kusho ungqongqoshe.
Uphinde wancoma intobeko ekhonjiswe yisikhulu esimisiwe emsebenzini ngesikhathi sethulelwa izindaba zokuthi siyamiswa.
Umnyango uthe isinqumo sikanqongqoshe sithathwe ukuze i-Sassa iqhubeke isebenze kahle futhi sibhekelela izidingo zezigidi zabantu abaphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni.
“Ngesikhathi sisabhekene nezingqinamba ezikhungethe i-Sassa, sifuna ukuthatha izinqumo ezizoqinisekisa ukuthi ukusebenza kwethu kuvulelekile futhi kuba yimpumelelo,” kuchaza ungqongqoshe.
Uvale ngokuthi i-Sassa iyisikhungo sikahulumeni aqinisekisa ngaso ukuthi abantu ababulawa indlala nobubha.
Related Topics: