INTSHA yaseMzinyathi ihlonyiswe ngolwazi lwezamandla Isithombe: SITHUNYELWE
UPHIKO oluthuthukisa intsha likaMasipala uMzinyathi lubambisene neMoses Kotane Research Institute neMantec Foundation lucije intsha ewu-100 eyakhele lo masipala ngolwazi logesi osebenza ngelanga nobuchwepheshe bokuwenza.
Ngenkathi icijwa intsha ithole ithuba lokufunda ngobuchwepheshe bezamandla, ukuthi kwenziwa kanjani namasu ezixazululo zokwenza ubuchwepheshe busebenze.
UMthokozisi Silango waseGlencore ongomunye wabahlomule kulolu hlelo, uthe abakufunde kuzoba wusizo kakhulu ukuxazulula izinkinga ezibhekene nomphakathi.
“Sithemba ukuthi esikufunde kuzosisisza siqhamuke namasu okuxazulula inkinga kagesi ezweni futhi sikwazi nokuqala amabhizinisi ukukwazi ukuzimela,” kusho uSilango.
USamkelo Mdunge waseNdumeni, naye ohlomulile uthe: “Okungihlabe umxhwele kakhulu wukuthi bazokwazi ukusilekelela uma siqala izinkampani zethu futhi basisize nokuzichumisa, ithuba elingandile emphakathini engikuwona.”
Isikhulu esiphezulu soMzinyathi Development Agency, uMnuz Senzo Ntombela, sithe ngesikhathi bezwa ngale ngqayizivele yethuba, banquma ukulibamba ngezandla zombili ngoba bayazi ukuthi ezamandla zisayinselelo enkulu ebhekene nezwe.
“Lolu hlelo luyisize kakhulu intsha ukuguqula inkinga yezamandla ibe yithuba lezomnotho, okuzosiza isifunda sethu, kube kusiza futhi ngokwakha amathuba omsebenzi adingeka kakhulu.
“Le ntsha esicijiwe izosizwa esibambisene nabo kulolu hlelo ukuqala amabhizinisi ayo ezamandla futhi izobhekwa ngeso elibukhali ngabazi kabanzi ngale mboni isikhathi esithile kuze kube wukuthi amabhizinisi abo esekwazi ukuzimela ngokwawo,” kusho uNtombela.
Uthe ubafisela okuhle njengoba sebengena kwezamabhizinisi, nokuthi unethemba lokuthi lolu hlelo luzovuna izithelo.
“Sinethemba elikhulu lokuthi lokhu akuzukuphelela lapha manje njengoba sikhuthaza nabanye abantu abasha ukulandela ezinyathelweni zalaba,’’ usho kanje.
Related Topics: