IPhini likaNobhala Jikelele kwi-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane ebeka izimbali ethuneni likaNkk Winnie Madikizela-Mandela Isithombe: Sithunyelwe
IPHINI likaNobhala Jikelele kwi-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane uthi ingqalabutho yalenhlangano uNkk Winnie Madikizela-Mandela yakhetha ukuhlala kwi-ANC noma yayibhekene nezikhathi ezinzima.
UNkk Mokonyane uthe uWinnie akazange enze njengabanye abakhetha ukuyosungula amaqembu abo uma bebhekene nezikhathi ezinzima kwi-ANC.
Ukusho lokhu ngesikhathi kunomcimbi obuhlelwe i-ANC Women’s League wokukhumbula usuku okwashona ngalo uNkk Madikizela-Mandela.
NgoLwesibili bekuhlangana iminyaka eyisithupha kwashona uNkk Madikizela-Mandela.
Abaholi be-ANC babeke izimbali ethuneni likaNkk Madikizela-Mandela eliseFouways Memorial Park, kwase kuba nomcimbi wokukhanyisa amakhandlela emzini kaNkk Madikizela-Mandela oseSoweto.
UNkk Mokonyane uthe uNkk Madikizela-Mandela wakhombisa uthando olukhulu kwi-ANC nangezikhathi ezinzima.
“Waze wafa eyilungu lokuqina le-ANC. Abantu baseNingizimu Afrika kufanele bangakukhohlwa ukuthi uNkk Madikizela-Mandela akazange ayilaxaze i-ANC nangezikhathi ezinzima.
“Ziningi izinto ezazingamenza ashiye i-ANC ayozivulela isitokofela sakhe esincane, noma inkulisa yakhe encane, kodwa wakhetha ukuhlala kwi-ANC.
“Wahlala kwi-ANC yize noma ayethandwa kakhulu abantu abangewona amalungu ayo. Lokhu wayekwenziswa wukuthi wayazi ukuthi i-ANC yiyo eyamenza waba yilento ayeyiyo,” kusho uNkk Mokonyane.
Uthe abantu abaningi bamthande ngoba engasekho uNkk Madikizela-Mandela.
Uqhubeke ngokuthi iyefana nekaJesu, sisanda kubuya ezinkonzweni zePhasika. Indaba kaNkk Madikizela-Mandela ithi ayifane nokubethelwa kukaJesu esiphambanweni. Emva kokushona kwakhe, ngisho nezitha zakhe imbala zamvuma.
UNkk Mokonyane uthe bazohlezi beliqhakambisa igalelo likaNkk Madikizela-Mandela.
“Size lapha ukuzozibophezela kabusha. Siqhamuka kwinhlangano kaNomzamo Madikizela-Mandela, i-ANC.
“Nathi njengenhlangano sesike sabhekana nezikhathi ezinzima, kodwa sizibophezela ekuqhubekeni nokulandela ezinyathelweni zakho. Kuningi esesikubonile,” kubalisa uNkk Mokonyane.
Unxuse abazukulu bakaNkk Madikizela-Mandela ngokulandela ezinyathelweni zikagogo wabo, bavotele i-ANC okhethweni oluzayo.
Umzukulu kaNkk Madikizela-Mandela, uNkk Zamaswazi Dlamini-Mandela, unxuse abantu bakuleli ukuba baphume ngobuningi baye okhethweni lwangenyanga ezayo.
“Lokhu sicela nikwenze egameni lokuhlonipha ugogo wethu. Sicela ningakhohlwa ngamagalelo akhe nezinye izingqalabutho ezalwela inkululeko.
“Kubalulekile ukuthi wonke umuntu avote, lonke ivoti libalulekile. Kuphela iminyaka engu-30 elakuleli lathola inkululeko. Lokhu kubalulekile kakhulu kuthina njengomndeni,” kusho umzukulu kaNkk Madikizela-Mandela.
Related Topics: