UKUVULWA kwesakhiwo Isithombe: SITHUNYELWE
UBONGA uNkulunkulu umfundisi ongumholi webandla ebelivula ngokusemthethweni isakhiwo esidle imali eshisiwe.
Udumise amandla omdali uMbhishobhi Bhekimpi Mchunu, ongumholi weFotress of Hope Church International, ngesikhathi bevula isakhiwo sikaR1,5 million esiseCato Crest, eMayville.
UMchunu ubonge bonke abazalwane bebandla ngeminikelo yabo abayikhiphile isuka ngaphakathi othandweni lwabo. Uthe kunemindeni ekhonza ngaphakathi ebandleni enikele ngokwedlulele, wathi konke lokho uNkulunkulu ukubonile.
Waqhuba wathi uthakasile kakhulu ngokufezeka kwephupho labo leminyaka lokuthi babe nendawo yabo yokukhonzela.
Ngokusho kukaMbhishobhi kuyigxathu elikhulu ukwakhiwa kwendlu yokukhonza.
"Ngithanda ukuthatha leli thuba ngidlulise ukubonga kwami okukhulu kubona bonke abazalwane balapha ebandleni abakhombise intshisekelo enkulu ngesikhathi simatasa nohlelo lokwakhiwa kwalesi sakhiwo,'' usho kanje uMchunu.
Umfundisi uthe kwabanye abantu kuba nongabazane olukhulu uma bekhonza ebandleni elingenaso isakhiwo sokukhonzela. Okuhle ngesakhiwo uMchunu uthe sizobuye sibe wusizo emphakathini wakule ndawo.
Leli bandla lihlanganisa iminyaka engu-20 nonyaka, lasungulwa.
UMchunu uveze ukuthi bazoba nendumezulu yomcimbi wokogubha iminyaka yebandla ngasekupheleni konyaka babonge uNkulunkulu ngokuhamba nabo ibanga elide kangaka.
Inkonzo yokuvulwa kwesakhiwo ibihanjelwe ngabaholi bezenkolo bamahlelo ehlukene KwaZulu-Natal.
UMchunu unguSihlalo wenhlangano yabefundisi ebizwa ngokuthi yiChurch Leaders Council of Southern Africa.
Ubuye abe ngumsunguli wenhlangano ebhekelele amadoda ebizwa ngokuthi iSukuma Ndoda Sakhe.
Related Topics: