U-CHERYL Zondi othi akasalubhadi esontweni ngenxa yokweshelwa abefundisi Isithombe: INSTAGRAM
UMCULI wokholo osola umfundisi waseNigeria ngokumhlukumeza ngokocansi esakhula, uCheryl Zondi, udalule ukuthi baningi abafundisi abangamaKhrestu abaxegelwa woziphu nosekumphoqe ukuba angabe esalubhada esontweni.
UCheryl ngomunye wabantu besifazane abavulela uMfu Timothy Omotoso nabazalwane abangaphansi kwakhe oLusanda Sulani noZukiswa Sitho, uxhaxha lwamacala amayelana nokudlwengula nokunukubeza ngokocansi njengoba begqigqa eNkantolo eNkulu yaseGqeberha, e-Eastern Cape.
Ekhuluma kwiJustify Podcast, uCheryl uthe bambalwa abefundisi ababizelwe enkolweni ngokweqiniso.
“Ake sithi kubefundisi abawu-10 esengike ngahlangana nabo. Kulowo-10 uyedwa kuphela ongangifuni, u-9 wonke uyangifuna.” UCheryl uthe yena akasathembi muntu ozibiza ngomfundisi.
“Ngiyaxolisa. Uma nje kimi wathi ungumfundisi, ngiyaphuma kuwe.” Uthe akazi kungani abantu besilisa abangamaKhrestu bazibandakanye nokuhlukumeza ngokocansi. Uthe iningi labantu abashumayela lisebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuhlukumeza abantu besifazane ngokocansi.
“Ngifisa sengathi laba bantu bengasebenzisi iZwi likaNkulunkulu ukugila imikhuba. Uma ufuna ukugila imikhuba, hamba uyoyenza kodwa ungafaki uNkulunkulu emanyeleni akho. Musa ukufaka ngisho amadlozi!”
Uthe laba bantu bathungatha ikakhulukazi izingane zamantombazane ezisuke zingakakhuli kahle ngokomqondo. Uthe emuva kokugilwa wu-Omotoso, wake wamzonda uNkulunkulu.
Eqhuba, uthe icala lika-Omotoso limhlukumeze kakhulu kangangoba uke wathola izinsongo kubantu ebebefuna ukumbulala uma eqhubeka nokwethula ubufakazi, kwaphoqeleka ukuba ahambe kubo futhi engabe esagibela amatekisi. Nakuba kunjalo kodwa uthe wayengasabi lutho ngoba wayengakholwa ukuthi kunomuntu ongafuna ukubulala yena.
“Kwakungathi yihlaya nje.”
Uthe uze wazithola esedla izidakamizwa ngoba ubengasakwazi ukumelana nokhwantalala obelumhlasele. Uthe kwake kwaba nesikhathi lapho ezonda khona uNkulunkulu ngakho konke okwennzeka kuye.
“Ngangizibuza ukuthi kungani avumela into enje yenzeke kimi? Wayevumelani umuntu asebenzise igama lakhe ukuhlukumeza abantu. Isikhathi esiningi ngangifuni ukuzwa ngoNkulunkulu. Ngase ngiwumhedeni.”
Ngokuhamba kwesikhathi, ugcine ebuyelile ekukhonzeni uNkulunkulu kodwa ngendlela yakhe. Yize kubukeka kumambela kahle emculweni kodwa nakhona uthe kunabaculi abadumile abafuna ukusebenzisa udumo lwabo ukumxhaphaza ngokocansi.
Related Topics: