LUYACUTSHUNGULWA udaba lokuputshuka kwemininingwane yabantu egcinwe ezinkampanini zezikweletu, okuyiTransUnion, ne-Experian. isithombe: Hawks
LUYACUTSHUNGULWA udaba lokuputshuka kwemininingwane yabantu egcinwe ezinkampanini zezikweletu, okuyiTransUnion, ne-Experian.
I-Information Regulator idalule ukuthi okwamanje ibisathole umbiko wokuthi izigebengu zihlasele lapho kugcinwa imininingwane yabantu kumakhompyutha.
Ithe kuyishwa ukuthi kuputshuka imininingwane yabantu isematasa nezincomo zolunye uphenyo ebilwenza lokuputshuka kwemininingwane yabantu kwaTransUnion, okwenzeka ngonyaka odlule.
Izwakalise ukukhathazeka ngokuthi izinkampani ezigcina imininingwane yabantu zihlaselwa yizigebengu ezeba imininingwane kumakhompyutha.
Iqhube yathi okwamanje ngeke ikwazi ukuchaza kabanzi ukuthi kwenzekeni kulesi sigameko sakamuva ngoba i-Experian, neTransUnion kufanele ilandele isigaba 22 somthetho ovikela imininingwane yabantu (Protection of Personal Information Act (POPIA).
IPopia ithi uma inkampani egcina imininingwane yabantu ihlaselwa yizigebengu ezeba imininingwane yabantu, kufanele ibikele i-Information Regulator.
Kuvele ukuthi zombili izinkampani bezingakabiki kanti i-Information Regulator idalule ukuthi abe-Experian ne-TransUnion bathi abantu abathi kwebiwe imininingwane yabantu baqamba amanga, bakhuluma ngemininingwane eyebiwa ngo-2021, nango-2022.
Izinkampani zithe kungenxa yalesi sizathu zingathumelanga luthi kwi-Information Regulator.
I-Information Regulator ithe noma ngabe abakhulumayo baqonde isigameko sangonyaka odlule kodwa idinga umbiko kulezi zinkampani ochazayo ukuthi kwenzekeni nokuthi uphenyo olwenziwe yizona luvezeni lena edala ukuthi zibone ukuthi yisigameko sakudala okukhulunywa ngaso.
Iqinise abantu idolo ngokuthi yonke imibiko yokwebiwa kwemininingwane yabantu iyasukunyelwa ngoba kubalulekile ukuthi ivikelwe.
Related Topics: