Kugqugquzelwa abantu ukuthi baqaphele lapho betshala khona imali emuva kokuthi “ibhanoyi” liwe noR3 billion wabantu Isithombe:SARB
AKUQONDAKALI ukuthi ishonephi imali yabantu bakuleli elinganiselwa kuR3 billion ebitshalwe “ebhanoyini” elibizwa ngeBHI Trust.
Kuthiwa bangaphezu kuka-2 000 abantu akade betshale imali kwiBHI Trust.
IBHI Trust isiphenywa nayinhlangano ebheka izinkampani ezisebenza ngemali, iFinancial Sector Conduct Authority (FSCA), emuva kokuthola izikhalo kubantu.
IFSCA ithe uphenyo lwayo ngeke lubheke iBHI Trust kuphela kodwa luzobheka nezinye izinkampani ebezitshala noma ziyalela amakhasimende azo ukuba atshale imali yawo kwiBHI Trust.
Ithe akwamukelekile ukuthi izinkampani ezisebenza ngemali zigqugquzele abantu ukuthi batshale imali yabo ezinkampanini ezingenayo imvume yokusebenza ngemali.
Iveze ukuthi uphenyo luzobheka konke obekwenzeka kwiBHI Trust nokuthi uMnuz Craig Warriner bekuyini umsebenzi wakhe.
Okwamanje iFSCA ayazi ukuthi uphenyo luzothatha isikhathi esingakanani, ayikazi ukuthi obani abanye abathintekayo nokuthi mhlawumbe abantu akade betshale imali bazoyithola yini.
“Siyazi ukuthi udaba lweBHI Trust lusenkantolo lapho kukhona abafuna ihlakazwe. IBHI Trust noWarriner bebengabhalisiwe kwiFSCA. Siyacela abantu baqaphele ukuthi bayitshala kuphi imali yabo abasuke beyisebenze kanzima. Kufanele bashayele u-0800 110 443 noma bangene ku- https://www.fsca.co.za/Regulated%20Entities/Pages/List-Regulated-Entities Prsons.aspx ukuthola ukuthi inkampani abafuna ukutshala kuyo imali ibhaliswe ngokusemthethweni ukwenza lowo msebenzi,” kusho abe-FSCA esitatimendeni.
Related Topics: