U-AYANDA Thabethe uzomela iNingizimu Afrika kuMiss Supranational ePoland ngoJulayi Isithombe: SITHUNYELWE
AMATHEMBA eNingizimu Afrika azoba semahlombe entokazi eyalala isibili kuMiss SA 2022, uma sekuqhudelana ozime basemazweni omhlaba ehlukene emncintiswaneni uMiss Supranational ozoba sePoland, ngoJulayi 14 nonyaka.
U-Ayanda Thabethe (23) waseMgungundlovu owaphuma isibili kuMiss SA ngesikhathi uNdavi Nokeri waseTzaneen ekhala emuka nesicoco nyakenye, uthe ujabule kakhulu ngethuba lokumela iNingizimu Afrika kulo mncintiswano isicoco sawo esikuLalela Mswane owayewuMiss SA ngo-2021.
“Inkulu kakhulu inselelo engibhekene nayo kodwa ngijabule kakhulu futhi sengikubheke ngabomvu ukuthatha lesi sinyathelo sohambo lwami lukaMiss SA.
“Kodwa-ke okubaluleke kakhulu kimina, wukwethula umkhankaso wami iProject Khulisa, engihlose ngawo ukulwa nendlala emphakathini, ngiqinisekise nokuthi abantu badla ukudla okunempilo ngendlela efanele,” kuchaza u-Ayanda.
Le ntokazi esanda kuphothula iziqu iBSc in Dietetics and Human Nutrition e-UKZN, ithe ikholwa wukuthi isiqalo sempilo engcono wukuqinisekisa ukuthi umuntu udla ngendlela efanele.
“Yingakho nginombono wokwenza ikusasa lezakhamuzi zaseNingizimu Afrika libe lihle ngokushumayela ivangeli lokudla ngendlela efanele, bese ngilwa nobubha nendlala ngokunikela ngokudla emphakathini ohlwempu ezweni,” kusho u-Ayanda.
Ngaphandle kokunikela nokuhambela umphakathi wezindawo ezahlukene ezweni, u-Ayanda uphinde asebenzise izinkundla zokuxhumana ukwenza izingxoxo ezifundisa abantu ngokudla ngendlela efanele nenempilo.
Related Topics: