UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe iyaqhubeka imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane njengoba zibonakala zehla izibalo zabahaqekile nabasezibhedlela. Isithombe: Kopano TK
SEBEZOKWAZI ukuvota bekhululekile abantu bakuleli njengoba izwe selehliselwe esigabeni sokuqala sikathaqa, ukuze kulawulwe ukubhebhetheka kwe-Covid 19.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe iyaqhubeka imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane njengoba zibonakala zehla izibalo zabahaqekile nabasezibhedlela.
" Ngomhla ka-12 Septhemba ngimemezele ukwehliselwa kwezwe esigabeni sesibili, ngathi ngizobuya ngichaze ukuthi isimo sesinjani. Ngingasho ukuthi igciwane lehlile okwenze sathatha isinqumo sokubeka izwe esigabeni sokuqala kusukela entathakusa, "kusho uRamaphosa.
Uthe kuzoba nokuxegiswa kwemithetho elawula ukunqandwa kwegciwane.
Uthe kungahlangana abantu abangu- 2000 endaweni evulekile, ngaphakathi kuhlangane abangu-750.
Lokhu kusho ukuthi abantu bazokwazi ukuhlangana, kube nama rally, nemicimbi yokhetho. Abantu bazokwazi ukuma emigqeni emide bezovota.
Imingcwabo isingahanjelwa abangu-100, kanti utshwala buzodayiswa ngokwamalayisensi kwabadayisa zonke izinsuku kodwa kuze kube u-11 ebusuku.
Ugcizelele ukuthi abantu abaqhubeke bafake izifonyo.
“Siyazi ukuthi abantu bayafuna ukukhululeka baye ezinkundleni zemidlalo. Sizomemezela ukuthi lokho kungenzeka kanjani ekuhambeni kwesikhathi," kusho uRamaphosa.
Uthe uhlelo lokugoma kumele luqhubeke ngobunyoninco.
"Bangu 8.6 million abantu abagomile kuleli. Sizibekele umgomo wokugoma cishe u-70% wabantu abadala kuleli. Lokhu kuyosho ukuthi siyohlenga inqwaba yabantu kwi-Corona," kusho uRamaphosa.
Uthe IVuma, okuwuhlelo lomkhankaso wokugoma ngezimpelasonto luzoqala kusasa (namhlanje), ukuba kugonywe abantu ngezimpelasonto. Kumahhala ukugoma," kusho uRamaphosa.
Unxuse abamabhizinisi ukuba balekelele ekugqugquzeleni ukuba abasebenzi babo bagome, waqinisekisa ukuthi abavoti kumele nakanjani bevikelwe uma sebezovota okhethweni lwamakhansela.
Related Topics: