INHLOKO yamajaji uMogoeng Mogoeng, uzosuka kulesi sikhundla ngo-Okthoba 11 kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe. Isithombe: Werner Beukes/SAPA
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usewatholile amagama ambalwa aphakamisa abambona efakwa esikhundleni sokuba yinhloko yamajaji
UMengameli wamemezela ukuthi kuvulelekile emphakathini ukuba ufake amagama abantu abangakwazi ukwenza lo msebenzi.
Lokhu kwenzeka emuva kokuba obehlezi kulesi sihlalo inhloko yamajaji uMogoeng Mogoeng, ezosuka kulesi sikhundla ngo-Okthoba 11 kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe.
Abazokwenza umsebenzi wokuqokwa kozohlala esihlalweni kuzoba ijaji le-International Court of Justice nokhomishana wamalungelo abantu kwi-UN iJaji Navi Pillay.
Uyena ozobe engusihlalo, kube khona noNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweZimilo, uMnuz Ronald Lamola, owayenguNgqongqoshe walo Mnyango uMnuz Jeff Radebe, owayenguMvikeli woMphakathi u-Adv. Thuli Madonsela.
Usihlalo weNational AIDS Council uMmapaseka Steve Letsike, uSolwazi wezomthetho, oseHoward University School of Law, uSolwazi Ziyad Motala.
Ukubandakanywa komphakathi kulokhu kuqokwa kwenhloko yamajaji kuyaqala ukuba kuvuleleke emphakathini wonkana selokhu kwaba nenkululeko.
Uma iziphakamiso sezifakiwe, kuzohlungwa bese kukhethwa abathathu noma abahlanu ukuba baye kwinhlolokhono lapho bezoqhudelana khona.
Ngesikhathi enza isimemezelo uRamaphosa wabuzwa ukuthi kungani engaziqokeli yena umuntu, wathi yena uqoka ithimba elizobheka ofanele umsebenzi, kube nenhlolokhono bese eqoka ozophumelela ukuba ahlale esihlalweni.
“Okwamanje nje sekuvele kukhona amanye amagama asevele aphakanyiisiwe, azomenyezelwa maduze,” kusho uRamaphosa.
Related Topics: