BLADE Nzimande. Isithombe: CHRIS COLLINGRIDGE 484
UNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Blade Nzimande, usephendulile eqenjini le-DA ebelimsola ngokuthi uzonda isiBhunu. Uthi akasicwasi isiBhunu.
Lokhu ukusho emuva kokuba iLungu lePhalamende kuleli qembu, uMnuz Leon Schreiber, likhalaze kwinhlangano iHuman Rights Commission (HRC), ngokuthi wathi ulimi lesiBhunu ulimi langaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Udaba lolimi lwesiBhunu lusematheni namanje njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo ngeledlule iseke i-AfriForum, ukuba kube ulimi oluhamba phambili eNyuvesi yaseSouth Africa (Unisa).
UNzimande uthe i-DA ilokhu imatasa nolimi lwe-DA kuphela, beziba ezinye izinto ezingenziwa ukuthuthukisa ezinye izilimi zakuleli, ezazicindezelwe uhulumeni wobandlululo.
Uthe yena isiBhunu uyazi ukuthi siwulimi kulezi ezinye ezingu-11.
“IsiBhunu kumele singene kulo hulumeni wentando yeningi, sikhishwe kulabo abathi wulimi lwabamhlophe bodwa, nabanezinhloso zabo. Lokhu akumele kubukeke sengathi kuphasiswa olunye ulimi ngaphezu kolunye kuleli lizwe lenkululeko,” kusho uNzimande.
UNzimande uthe uzobhekisisa isinqumo senkantolo kulolu daba bese ebheka isikhalazo se-DA esifakwe kwi-HRC.
“Uma sengixoxisene nethimba labameli sizobe sesikhuluma ngendaba yesinqumo senkantolo odabeni lokufunda nokufundisa,” kusho uNzimande.
Related Topics: