UMHOLI weqembu iGood uNkk Patricia de Lille, usegxeke i-DA ngokuqamba amanga ngokuthi kushoda indawo ebiza kahle yokuba kwakhiwe izindlu eKapa. Isithombe: Ayanda Ndamane African News Agency(ANA)
UMHOLI weqembu iGood uNkk Patricia de Lille, usegxeke i-DA ngokuqamba amanga ngokuthi kushoda indawo ebiza kahle yokuba kwakhiwe izindlu eKapa.
Lama qembu abhekene ngeziqu zamehlo ngodaba lomhlaba selokhu kuqale ukukhankasela ukhetho lwamakhansela.
Ngeledlule i-DA yacela uhulumeni ukuba adedele izindlu zase- Acacia Park nalapho kuhlala khona abasebenzi basePhalamende ngokushesha ukuze bezokwazi ukuthola indawo yokuhlala abanye abantu ngaphandle kosopolitiki.
Bacele ukuba uhulumeni ayidayise indawo, futhi adedele ukuba indawo kahulumeni iqashiswe indawo efana ne-Ysterplaat, Wingfield, Youngsfield ne-Culemborg.
NgoMsombuluku u-De Lille, uthe kade babesho ukuthi umhlaba awudedewe ukuze kwakhiwe kuwo izindlu.
UDe Lille, uthe kodwa i-Acacia Park, yayibekelwe abasebenzi basePhalamende abebengahlali eKapa.
Related Topics: