KUSUKELA namhlanje, abakuleli sebezokwazi ukuthola isibonelelo sikahulumeni esiwuR350 ezitolo zokudla kwaPick n Pay nakwaBoxer. Isithombe: Brendan Magaar/African News Agency(ANA)
KUSUKELA namhlanje, abakuleli sebezokwazi ukuthola isibonelelo sikahulumeni esiwuR350 ezitolo zokudla kwaPick n Pay nakwaBoxer.
Izolo, lezi zitolo zithumele isitatimende kwabezindaba ukuthi isibonelelo sikaR350 sesiyakwazi ukutholakala ezitolo zabo kusukela namhlanje.
“Abanikwe imvume yokuthola isibonelelo sikaR350 sebengakwazi ukusithola ezitolo zakwaPick n Pay nakwaBoxer kuleli kusukela ngoLwesithathu (namhlanje). UPick n Pay noBoxer, yizona izitolo zokuqala ezizokwazi ukunikeza abantu isibonelelo sabo sikahulumeni,” kusho isitatimende.
Bathe bayaziqhenya ngokukwazi ukulekelela abazohlomula ngalesi sibonelelo nokuzokwenza basheshe bathole imali yabo.
Ngaphambilini, bekuba nemigqa emide ePosini, abanye bema imini nobusuku bezolanda isibonelelo sabo.
“SinguPick n Pay noBoxer siyaziqhenya ukuthi sizolekelela abafanele ukuthola imali ukuba ifike kubona ngokushesha ngendlela ephephile,” kusho uMnuz John Bradshaw, oyisikhulu sezokusebenza kwaPick n Pay.
Izindlela zokuthola imali bathe zizoma kanje:
Kumele kube ngumuntu othole i-sms evela kwabakwaSouth African Social Services Agency (Sassa), besho ukuthi isicelo sakho siphumelele.
Makube nomyalezo osho ukuthi imali kumele uyilande ngaluphi usuku.
Kumele uphathe umazisi wakho neselula enenamba owabhalisa ngayo.
Kuzofakwa izinombolo zomazisi ethilini, kusetshenziswe inamba yocingo owafaka ngayo isicelo, ukuze kuqinisekiswe ukuthi imali ikhona.
Uzobe usuthola umyalezo kwiselula othi imali ungayikhipha, bese unikezwa imali yakho.
Kucelwe abazolanda imali ukuba baqikelele ukuthi ngeke bacelwe ukuba bafake imininingwane yabo eyimfihlo kwiselula noma basebenzise i-link.
Izitolo akuzona eziphasisa ukuba umuntu athole imali kodwa zona zisiza asebevele bezifakile izicelo zase ziphasiswa. Kuzosizwa kuphela abantu abafika sebephethe ama-sms avela kwaSassa ukuba bazolanda imali.
O-Pick n Pay, abangabaliwe kulolu hlelo yi-BP Pick n Pay Express, Pick n Pay Clothing nePick n Pay Liquor. Okusho ukuthi angeke uyithole imali ezitolo zabo ezidayisa izimpahla zokugqoka, ezasemagaraji kaphethroli nalezo ezidayisa utshwala.
UPick n Pay uphinde ukhiphe isibonelelo sabadala, abakhubazekile nezingane. Lesi sibonelelo sikhishwa izinsuku ezintathu enyangeni.
Related Topics: