UTHUKA izanya owesifazane waseMgungundlovu, othi usolwa ngamanye amalungu omndeni wakhe ahlala ngokumsabisa ngecala lokubulala unina.
UNkk Phumzile Claudia Mkhize (76) wase-Edendale, eMgungundlovu, wabulawa ngoJanuwari nyakenye, wadutshulwa esemzini wakhe ngabantu abangaziwa. Isolezwe labika ngokubulawa kwakhe ngonyaka odlule.
UNkk Zinhle Myeni ohlala eduze nomuzi wakubo, uthe akasakutholi ukuphumula njengoba kunabomndeni abamsabisa ngokumbulala ngoba bethi unesandla ekubulaweni kukanina.
Imiyalezo ebonwe Isolezwe ayithunyelelwe yisihlobo sakhe, ikubeka kucace ukuthi kusolwa yena.
UNkk Myeni ube esevulela udadewabo uNksz Thola Mkhize, ohlala eGoli, icala lokumsabisa.
“Ngifuna kucace ukuthi kuze kube manje njengoba silinyalelwe wumama njengezingane zakhe singabasolwa. Okungiphatha kabi ukuthi amaphoyisa awangisizi. Ngifisa nehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, lingenelele ekuxazululeni icala likamama. Umndeni usho ngisho ukungibulala njengomsolwa,” kusho uNkk Myeni.
Uthe izingane zakhe ezincane ahlala nazo, zithuka izinya njengoba kuke kwathunyelwa abantu kuthiwa abazolanda impahla kanina, angayazi naye.
Emiyalezweni ebonwe Isolezwe, usatshiswa wudadewabo ngokuthi nguyena othinteka ekubulaweni kukanina.
Kuthintwa abanye bomndeni, bavele bazihlangula. UNkk Boni Mabaso, uthe akazi lutho ngalokhu.
“Mina ngokwami angikwazi lokho. Ngoba asikhulumi naye uZinhle, asikhulumisani. Nalona athi umthumelela imiyalezo, akazange angibikele. Engikwaziyo ukuthi udaba labo lusemaphoyiseni. Engakuzwa ukuthi uZinhle wamkhiphela isibhamu udadewethu, angazi babebangeni. Uma yena enenkinga kumele abike udaba emaphoyiseni,” kusho uNkk Mabaso.
Kuthintwa omunye womndeni, uNkk Ningi Xulu naye uthe: “Anginalo ulwazi ngaphandle kokuthi udaba lusemaphoyiseni, ngeke samsabisa udadewethu ngokumbulala. Engikwaziyo ukuthi uyena owafika esihlotsheni wathi uyazi ukuthi ubani obulale umama. Angazi ke ukuthi kungani engavezi amagama abo emaphoyiseni? Sibadala sonke ekhaya, angazi ngempela ngazo zonke lezi zinto ezishiwo uZinhle. Akazange angibikele ke nangokuthi kukhona omsabisayo, umthetho siyawazi, akalandele wona naye aye emaphoyiseni,” kusho uNkk Xulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokusabisa elivuliwe, kanti basaphenya.
Akekho oseboshiwe ngecala lokubulawa kukaNkk Mkhize, imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa.
Related Topics: