UNKSZ BUSISIWE Duda (34)
NONTUTHUKO NGUBANE
USHAQEKILE umndeni wasemaBhalonini e-Estcourt, ngemva kokuba kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha, ngowayeyisoka lomunye oyilungu lomndeni.
Isigameko senzeke ngoMgqibelo epulazini eliseBruntville, eMooi River. Umsolwa uMnuz Nhlayenza Zulu (26), waseMatimatolo, udutshulwe ngamaphoyisa ngaseKranskop eGreytown, esebaleka emuva kokubulala ozakwabo ababili, namalungu amane omndeni wawayeyintombi yakhe uNksz Thandiwe Duda.
Ngokuthola kweSolezwe umsolwa ubesebenzela inkampani yonogada iBallid Security, kuthiwa udubule uzakwabo washiya isidumbu sakhe esigangeni, waya kwenye indawo abasebenzela kuyo wadubula omunye uzakwabo washona. Ube eseya emsebenzini wentombi ayethandana kepha eseyamala, uNksz Thandiwe Duda, wafike wayidubula, wayishiya ezitshela ukuthi ifile.
Kuthiwa uphikelele kubo kaNksz Thandiwe Duda, wafike wadubula udadewabo, nezingane ezintathu. Kulesi sigameko kushone onogada asebenza nabo abaneminyaka engu- 40 no-42, amagama abo abengakadalulwa.
Emdenini wakwaDuda, udadewabo wowayeyintombi yakhe ubulale uNksz Sibusisiwe Duda (34), nengane yakhe uSamkelo (4), ingane kamsolwa noThandiwe enguVuyiswa (4), nengane ebivakashile yakwaSibalukhulu (13).
Umfowabo kaThandiwe, uMnuzThemba Duda, uthe bashaqekile, abazi nokuthi bangaqalaphi ukuchaza inhlekelelo ebavelele.
“Izingane zihlala e-Estcourt ekhaya elikhulu, bezivakashile ngoLwesithathu kudadewethu njengoba esebenza eMooi River. Udadewethu uSibusisiwe nengane yakhe uVuyiswa, nengane yakwaSibalikhulu bahlaselwe besekhaya yilo mfana obeyisoka likadadewethu. Sekuphele iminyaka emibili bahlukana. Uthe uma embona wafuna babuyelane ngenkani. Ezinsukwini ezidlule wamphuca isikhwama, washisa omazisi nekhadi lokuholela ingane. Udadewethu waya kobika emaphoyiseni aseMooi River, amnikeza incwadi yokumvikela yokuthi umsolwa angasondeli kuye. Okusho ukuthi uqhubekile efuna babuyelane ngenkani, wabe esehlasela,” kuchaza uMnuz Duda.
Kuthiwa kume imoto yonogada, omakhelwane bezwa sekudutshulwa. “Ngokuthola kwethu uqale emsebenzini kanina wengane yakhe wamdubula. Umshiye ezitshela ukuthi ushonile. Izinhlamvu zimbili, entanyeni naseswini. Usesibhedlela futhi isimo sibucayi. Silindele noma yini kodwa bayathembisa esibhedlela. Ube eseya ekhaya, wafica udadewethu nezingane wabadubula, neyakhe ingane. Akabanga nazwelo, kuzimbobombobo ngoba ubedubula kaningi ephindelela, wenze isihluku esimangalisayo,” kusho uDuda.
Uthe usola ukuthi ubefuna imoto kozakwabo abadubulile. “Lona omunye uzakwabo umdubule wase eshayela imoto waya komunye abake baxabana naye, wafike wamdubula.”
Umsolwa kuthiwa ufonele abakwaDuda ethi abalande udoti wabo ngoba usewubulele, naye uyozibulala. Kusetshenziswe itracker yemoto ukuze atholakale ukuthi ukuphi. Kuthiwa ubengumuntu onodlame futhi intombi yakhe ubehlala ngokuyishaya, yaze yamala. AbakwaDuda bathi ubusehli ubuthongo selokhu kwehle lesi sigameko.
“ Sithukile, sidumele siyizinto zonke ukuthi kungaphuma amabhokisi amathathu ngesikhathi ekhaya. Asisathembi kahle abantu besilisa uma izingane zethu zizothandana nabantu bese bezibulala kanjena. Into ebisiyibukela kude, yafika qathatha ekhaya,” kusho uDuda.
UMnuz Riaan Claassen weBallid Security, uthe bashaqeke kakhulu ngokwenzekile.
“ Kube yinto ebhekene nomsebenzi, engathinti umsebenzi wakhe. Ayikho into ebesingayenza ukunqanda lesi simo ebesingasilindele. Bekumele asebenze, washiya kanjalo. Usebenzise isibhamu somsebenzi kulezi zigameko. Ubese sebenze iminyaka emibili kule nkampaani. Abasebenzi bathukile, sizama ukubatholela usizo lokwelulekwa ngokomqondo. Sifisa ukududuza umndeni wabathintekayo,” kusho uClaassen.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe kuvulwe amacala ayisithupha okubulala, elokuzama ukubulala nedokodo ngokushona komuntu.
Related Topics: