IPHOYISA, uNomia Rosemary Ndlovu, eNkantolo yasePalm Ridge izolo. Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)
UNGENE enkantolo wamoyizela ukuze ashuthwe izithombe yizintatheli owesifazane waseGoli, osolwa ngokubulala abomndeni wakhe ukuze athole imali yomshwayilensi.
UConstable Nomia Rosemary Ndlovu, owayesebenza esiteshini saseTembisa, eGauteng, ngoLwesibili ubethula ubufakazi enkantolo yaseGoli, ngamacala asolwa ngawo okuthengela amalungu akhe omndeni izinkabi ukuze ezothola imali.
Ngokwavela enkantolo, lona oyiphoyisa owaboshwa ngo-2018, usolwa ngokuzama ukubulala unina, udadewabo, abashana bakhe, namacala okubulala odadewabo ababili, isoka lakhe nezinye izihlobo. Wathola nemali yomshwayilensi ecela kuR1.4 million ngokushona kwabawu-6 bomndeni.
Ngokombiko wangaphambilini, phakathi kuka-2012 no-2018, uthinteka ekubulaweni kwabantu abayisithupha wabe esethola imali ezinkampanini zemishwayilensi.
Ubanjwa nje, wabe esehlele ukubulala udadewabo nezingane zakhe, kwaba nephoyisa elazenza inkabi, ayeliqashe ukuba libangqongqise nendlu.
Izolo efakaza, uze wacelwa yiJaji ukuba aphendule akubuzwayo, engalokhu eshona le nalena.
“Angizange ngihlale phansi ngitshele uKunene (owayezenza inkabi, eyiphoyisa) ukuthi ngifuna ukubulala udadewethu. Angazi kungani uKunene ethi ngamqasha ukuba abulale. Engikwaziyo engikushoyo lapha enkantolo futhi kuyiqiniso ukuthi angazi lutho ngalokhu kubulala,” kusho uNdlovu.
Ebuzwa ngokuthi ngelanga letulo lokubulala udadewabo nezingane zakhe, ubani owathenga uphethroli ngesigubhu, uthe akuyena kodwa wuKunene.
UNdlovu uze wayalwa yijaji ukuba engalokhu eqophisana, edelela notolika, akaphendule ngendlela enesizotha.
UNdlovu obedwebe amashiya ngokugqamile, ubelokhu eziphuzela enkomishini yakhe, bese ephendula aphinde, azithulele. Kokuningi, ubechitha konke obekushiwo, ethi akazi lutho ngakho.
UNdlovu ubhekene namacala ayisithupha okubulala, amane okukhwabanisa, elokuphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa, namacala ayisishiyagalombili ozungu lokubulala.
Ngokwencwadi esenkantolo, omunye owaba yisisulu, ngudadewabo kaNdlovu, uNksz Audrey, owayebhaliswe ezinkampani ezehlukene.
Umsolwa kuthiwa ngo-2013, wavakashela udadewabo wathi abaphuze itiye ayelifake ushevu.
Wamnika waliphuza engazi, kodwa wangashona, kuthiwa wabuyela kwakhe wamfica esaphila wabe esemklinya. Isidumbu sakhe satholwa sesonakale emuva kwezinsuku.
Wafaka isicelo sokukhokhelwa, wathola imali elinganiselwa kuR700 000.
Emuva kweminyaka, indodana ka-Audrey, uMnuz Brilliant Mashego, yathola ngemali eyaphuma kushona unina, wambuza ngayo. URosemary Ndlovu wafuna ukuba iyinikeze yena.
Ngokwenkantolo, wahlela ukuba kubulawe uMashego, watholwa eshayiwe edindilizile emgwaqweni.
Isoka likaNdlovu, uMnuz Yingwani Maurice, nalo labulawa ngo-2015. UNdlovu wathola uR416 357, wabe eselekelela umndeni ngoR40 000 weezindleko zomngcwabo wakhe.
Umzala wakhe, uNksz Madaka Homu, naye wabulawa, ngokushaywa. Kwaphuma uR131 000 emalini yomshwayilensi. Kuthiwa akakhiphanga nesenti ukulekelela emngcwabeni.
Kwabulawa noNksz Zanale Motha, umshana kaNdlovu, washaywa washiywa emgwaqweni. Kwaphuma uR119 840, wemali yoshwayilensi.
Kwaphinde kwadutshulwa noMnuz Mayeni Mashaba, isihlobo sikaNdlovu, kodwa okungakacaci ukuthi wayemfakile yini kumshwayilensi.
Ngokwezinsolo ezisenkantolo, uNdlovu wafaka umshwayilensi ngegama likanina uNkk Maria Nyavana Mushwana, udadewabo uNksz Nomasonto Gloria Ndlovu nezingane ezinhlanu.
Wakhokhela inkabi uLakhiwe Mkhize uR2 600 ukuba abulale unina. Inkabi kuthiwa yafike yangenwa ngamanzi emadolweni, yangawenza umsebenzi ngoba izwela unina kamsolwa.
Kwabe sekutholakala enye inkabi uMnuz Njabulo Vincent Kunene, owayeyiphoyisa elalizifihlile.
Uboshwe esehlela ukubhubhisa udadewabo nezingane ngomlilo. Kuthiwa wayefuna kube sengathi ingozi ukuze umshwayilensi uzosheshe ukhokhe.
Icala liyaqhubeka enkantolo.
Related Topics: