BAVELE enkantolo yase-Elliotdale, e-Eastern Cape, izolo abasolwa ngokubulala owesilisa oneminyaka engu-46 nonina ona-81.
Kulabo ababoshiwe ngalawa macala wunkosikazi (36) kamufi, nabanye abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-22 no-55.
Lokhu kushiwo ngokhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, uCaptain Siphokazi Mawisa.
Kukholakala ukuthi umakoti uthenge izinkabi ukuba zibulale umyeni wakhe nonina, eMkhathazo, ngoLwesine oludlule.
Abahlaseli bafike badubula.
Ngesikhathi beboshwa, abasolwa batholwa nezibhamu ezintathu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
“Ukuboshwa kwalaba kuza emuva kokuba kubulawe owesilisa ona-46 nonina ona-81. Badutshulwe besekhaya ngoLwesine, eMkhathazo Village, KwaNditya, Elliotdale. Amaphoyisa aphenyile abe esebopha abasolwa ngokushesha,” kusho uCapt Mawisa.
Laba basolwa babekwe amacala okubulala, uzungu lokubulala, icala lezinhlamvu nezibhamu.
Umphumela wokuvela kwabo enkantolo izolo ubungakatholakali njengoba idokodo lisagcinwe enkantolo.
Kwenzeka lokhu nje, inkantolo yaseBhisho ithole owesifazane wase-Eastern Cape enecala lokuthenga inkabi ukuba ibulale umyeni wakhe ukuze ezothola imali yomshwayilense.
Lo wesifazane kuthiwa wayalela nomngani wakhe ukuba asebenzise inkabi efanayo ukubulala owakhe umyeni. Umngani wakhe wayenezinkinga nomyeni wakhe.
Inkantolo ithole ukuthi uNkk Nomqondiso Tembu, (53), wakhokhela uMnuz Simphiwe Wili (46), uR120 000, ukuba abulale umyeni wakhe, uMnuz Vusumzi Tembu, ngeValentine ka-2017.
Isidumbu sikamufi satholwa silahliwe enkundleni yezemidlalo iSisa Dukashe, sinamanxeba okudutshulwa.
Related Topics: