Isithombe esigciniwe : Simone Kley
AMALUNGU e-ANC namagatsha bahlukene phakathi ngokuthi ngabe iqembu lenze okwanele ukuxazulula udaba lwabantu abaphakamisiwe ukuba bangenele ukhetho lohulumeni basekhaya, njengoba kuvalwa ukubhalisa ngoMgqibelo.
Ngenyanga edlule amagatsha amaningi abhikisha aya emahhovisi abo ezifundazweni, abanye baya komkhulu le-ANC, e-Luthuli House, eyofaka izikhalazo ngabantu abaqokiwe.
Le mibhikisho yenzeka ngesikhathi kuvalwa ukufakwa kwamagama okwakungo-Agasti 23, ngokusho kwenhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (i-IEC).
Njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo isichithile isicelo se-IEC sokuba ukhetho lube ngonyaka ozayo ngoFebhuwari, babe sebeyalela ukuba kubekwe olunye usuku lokubhaliseka ukuvota.
Inkantolo iyalele nokuthi i-IEC yenze ukhetho ngoNovemba 1 nonyaka.
Ngenxa yesinqumo senkantolo, i-IEC ibe isivuma ukuba amaqembu onke, kubalwa ne-ANC, abe nelinye ithuba lokufaka amagama abazongenela ukhetho.
Yize amanye amalungu e-ANC ekwamukele ngezandla ezimhlophe lokhu kodwa iSACP e-Eastern Cape ikhombise ukukhathazeka ngokubekwa eceleni kwamalungu abo.
ENorth West, i-ANC ithemba ukuthi izikhalazo zayo ngabantu abaphakamiswe ukuba bengenele ukhetho zizolalelwa.
UMnuz George Marindi uthe isifunda sakhe, iMoretele, eHammanskraal, sivele ekomidini leqembu, iParty Liaison Committee (PLO). Uthe bayathemba ukuthi izinkinga zabo zizoxazululwa njengoba amalungu abo abekhona ohlwini abesusiwe.
Uthe namhlanje (izolo) balindele izimpendulo ezinhle ngesikhalazo sabo. Amazwi afanayo ashiwo ngowesifunda, iNgaka Modiri, eMolema, e- Mahikeng.
Yize kunjalo abakumasipala, iSol Plaatje, basenenkinga njengoba benganeme ngohlu lwabo. Abanye babo, ikakhulukazi eRitchie, ngaphandle kwaseKimberley, bagcine sebebhalisa njengabantu abazimele okhethweni ngaphambi kokuba kuvalwe ngo-Agasti 23.
Kwenzeke isimo esifanayo nasePhokwane, emadolobheni okubalwa kuwo iJan Kempdorp, Ganspan, Pampierstad naseHartswater.
E-Eastern Cape, okhulumela iSACP, uMnuz Siyabonga Mdodi, uthe ikomidi labo lithole umbiko ngohlu lwabazongenela ukhetho ngeSonto.
“Phakathi kwezinto ezivelile yindlela uhlu oluhlanganiswe ngayo, okuvela ukuthi khona okungahambanga kahle. Ngenxa yalokhu iqembu liyakweseka ukuthi kubhekisiswe abantu abaqokiwe nokuthi kunesidingo sokuba kuphenywe ukuze kuxazululwe le nkinga,” kusho uMdodi.
Yize kunjalo, iBamba likaNobhala-Jikelele, uNksz Jessie Duarte, lithe kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye bayazibheka izikhalazo futhi bazoculubungula uhlu lokugcina lwabantu abafakiwe. Kulindeleke ukuba bafake uhlu lokugcina ebuholini obuphezulu ngeSonto.
Abanezikhalazo bazoba nethuba kuze kube uMgqibelo ukuba baziphakamise.
Related Topics: