UNGQONGQOSHE wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ubhoboka ngobudlelwane bakhe noNkk Zanele Magwaza-Msibi oshonile Isithombe: ZANELE ZULU/ AFRICAN NEWS AGENCY
UNGQONGQOSHE wezeZimali KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube umfanise nodadewabo umholi weNFP osanda kudlula emhlabeni, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
“Ngibhalele ubuholi beNFP incwadi, umndeni kadadewethu, uZanele. Ngibhale incwadi ngenxa yesimo esingivelele esenza ngingakwazi ukuya enkonzweni yesikhumbuzo nasemngcwabeni wakhe. Selokhu ngithole izindaba zokushona kwakhe, ngicabanga imizuzu ebesiba naye ngayo. Ngiwakhumbula kahle amandla ayenawo, umdlandla nesibindi. Abaholi abahlukene, okubalwa nami phakathi, besimhlonipha ngenxa yezimo abebhekene nazo kodwa engumuntu obeqhubeka nokuyijabulela impilo. Impilo yakhe yezepolitiki anginakungabaza ukuthi baningi abantu besifazane abebebukela kuye. Indlela abenza ngayo yaheha izigidi zabantu ikakhulukazi labo abasemakhaya nasemalokishini,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Ekhuluma neSolezwe, uthe esesikhundleni sokuba uSomlomo kuMasipala eThekwini nakuleso sikaNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, ubehlale ehlangana naye ngokomsebenzi eseyiMeya eZululand.
“Ubesebenza ngokuzikhandla, ehlezi ekwenza abekelwe khona ikakhulukazi ukulethela umphakathi intuthuko. Ubekumele kakhulu ukuthuthukisa abesifazane, nokubanikeza isibindi ukuthi abalwele ukuba nezwi emphakathini. Ubekuqonda kahle ukuthi ukumela abantu kusho ukuzidela wena ukuze ubasebenzele. Ubengumuntu okwazi ukukhuluma naye, ubebaphatha ngokulingana bonke abantu,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe yize bebesemaqenjini ezepolitiki angafani kodwa ubehlezi esebenzisana kahle nehhovisi lakhe futhi ubefika kuyo yonke imihlangano, aphinde asigcine isikhathi.
“Yize sobabili sasinobudlelwane bomsebenzi iminyaka eminingi, saqala kodwa sasondelana njengabantu bandawonye kwaba sengathi singodade futhi sazwana. Ngomusa kaNkulunkulu sasihlezi sihlangana nakwezinye izinto okungezona ezomsebenzi, ikakhulukazi uma senza izinto ezenziwa omama bezingane. Yilapho ngabona uthando ayenalo ngomndeni wakhe. Ukukholelwa kwakhe emndenini kwangenza ngabona ukuthi omama abaqotho baba ngabaholi abaqotho,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe ukusho lokho ngoba omama bayakwazi ukukhulisa, banakekele futhi bagone izingane ngothando. Uthe kanjalo uma bengabaholi, babona ithuba lokwakha, lokubona amathuba nokukhulisa abanye abantu.
“Usisi uZanele ubengowesifazane onamandla, owayebona ukukhanya noma kumnyama. Ukulangazelela inkululeko kwakhe kuyohlezi kuyinto esigqugquzela sonke ukuthi siqhubekele phambili noma kuthiwani,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe umoya wakhe kumele ungapheli kubantu, wathi ufanele ukuhlonishwa anconywe nangempilo ayiphilile kwaze kwaba sekugcineni.
“Lala ngoxolo Njinji! Uyibekile induku ebandla,” kuphetha uNkk Dube-Ncube.
Related Topics: