IKHIPHE izidumbu ezimbili imvula enamandla nokuduma kwezulu esifundazweni.
Laba ababili bashone ezigamekweni ezehlukene kanti kwezinye ezenzeke eLa Mercy naKwaDukuza kuguguleke imizi emibili ngenxa yemvula ebina umlibe ngoLwesibili.
Umfundi wakwaGrade 4 eLufafa Primary, uNhlanzeko Mthembu (10), ushaywe umbani ngoMsombuluko, washona.
Ngokuthola kweSolezwe lo mfundi ubehamba nabanye ngoMsombuluko, Ofafa ngaseXobho, ngesikhathi behlaselwa umbani. Kulesi sigameko kuthinteke lo mfundi kuphela.
Kwesinye isigameko esenzeke ngoMsombuluko eGobhogobho, ngaphansi kukaMasipala wase-Dr Nkosazana Dlamini Zuma, kushone uMnuz Mziwenkosi Phungula (45), oshaywe umbani esekhaya. Ushonele esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe amadokodo okushona kwabantu ngalezi zigameko.
“Kuvulwe idokodo ngokushona komuntu esiteshini Ixopo emuva kwesigameko esenzeke ngoMsombuluko lapho umfana oneminyaka engu-10 eshaywe umbani washa ezinyaweni. Amaphoyisa ase-Bulwer nawo avule idokodo ngokushona kowesilisa oneminyaka engu-45 oshaywe umbani ngoMsombuluko, uphuthunyiswe esibhedlela, wafike washonela khona,” kusho uCapt Gwala.
Imizamo yeSolezwe yokuthola imindeni yabashonile izolo ayizange iphumelele kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka, ukhalise imindeni yabashonile, abalinyalelwe imizi, wanxusa ukuba umphakathi uqikelele futhi kungagcwaliswa izitamukoko ngodoti.
“Izolo (ngoLwesibli) kuthunyelwe amathimba ezimo eziphuthumayo ukubheka isimo lapho kuguguleke umgwaqo kwaholela ukuba kudilike ingxenye yendlu eLa Mercy, eThekwini. KwaDukuza ku-Ward 16 kudilike indlu ngenxa yemvula enamandla. Sifisa ukukhalisana nemindeni yababili abashonile ngenxa yalesi simo. Siyanxusa ukuba omasipala baqinisekise ukuthi izitamukoko azigcwali ngokweqile. Sinxusa nomphakathi ukuba ungafaki udoti ezitamukokweni, ngoba ziyagcwala bese amanzi engakwazi ukuhamba ngendlela. Lokho kuholela ekubeni ziqhume. Isimo sizoqhubeka nokusiqapha eKZN,” kusho uHlomuka.
Related Topics: