Amaphoyisa aphenya icala labafundi abathathu abatholwe bentanta emfuleni iMohlabetse, ngaphansi kwendawo esetshenzwa ngamaphoyisa aseDennilton, ngaphandle kwaseGroblersdal, ngoLwesibili.
AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
UMKHUZI wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, useyalele ukuthi kube nophenyo oluphuthumayo ngokushona kwezingane zesikole ezintathu.
UMKHUZI wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, useyalele ukuthi kube nophenyo oluphuthumayo ngokushona kwezingane zesikole ezintathu.
Izidumbu zalaba bafundi zitholwe zintanta emfuleni, iMohlabetse, ngaphansi kwendawo esetshenzwa ngamaphoyisa aseDennilton, ngaphandle kwaseGroblersdal, ngoLwesibili.
“Izingane ezintathu, ezimbili zandawonye, uNonjabulo (9) nomfowabo, uThemba Ngomane (8), noKatlego Sibande (15) ongumakhelwane wabo. Laba basuka emakhaya, ePhooko, beya esikoleni ngoMsombuluko bangabe besabuya,” kusho okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Motlafela Mojapelo.
Kwavulwa icala lokuduka kwabo esiteshini saseDennilton, baqala babhekwa, umphakathi ulekelelana namaphoyisa.
“Uphenyo olusenziwe luveza ukuthi laba bafundi kungenzeka ukuthi bathunjwa ngoba babonakala begibela iToyota Avanza emhlophe. Kube sekuvulwa icala lokuthunjwa kwezingane,” kusho uMojapelo.
UMajopela uthe ngoLwesibili abelusi babedlula ngasemfuleni ngesikhathi bebona izidumbu ezintathu zintanta base bebikela amaphoyisa.
“Amaphoyisa afike endaweni yesigameko izidumbu zezingane ezintathu zisafake imifaniswano yazo. Zibe sezitakulwa ngamaphoyisa, imindeni yazihlonza njengamalungu ayo. Kuzohlolwa izidumbu ukuze kutholakale ukuthi zibulawe yini lezi zingane,” kusho uMojapelo.
Ongaba nolwazi, uyacelwa ukuba athintane namaphoyisa.
Amaphoyisa avule idokodo ngokushona kwalezi zingane.
Related Topics: