KUSOLWA abafundi baka-matric ngokushiswa kwengxenye yesikole iGeorgetown, eMgungundlovu, ngempelasonto.
NONTUTHUKO NGUBANE
KUSOLWA abafundi baka-matric ngokushiswa kwengxenye yesikole iGeorgetown, eMgungundlovu, ngempelasonto.
Kuthiwa umlilo uqale ekuseni endlini egcina izimpahla, eseduze kwegumbi lama-khompyutha negumbi leSayensi ngoMgqibelo, kade kusanda kuphuma amakilasi ka-matric angempelasonto. Kuthiwa umuntu obezidlulela ubone kushunqa intuthu wathinta unogada wesikole. Kuthiwa abazali nabaseduze kwesikole bazamile ukucisha umlilo, kwabizwa nezicishamlilo, zafika ngokushesha.
Umlilo kuthiwa usheshe wanqandeka ungakasingqongqisi sonke isikole. Isolezwe lithole ukuthi kusolwa abafundi baka-matric okuthiwa babonakale kumakhamera esikole begila lo mkhuba.
Ngokusho komthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa, kusolwa abafundi abayisishiyagalombili besilisa nababili abangabesifazane ngalesi sigameko.
“Laba bafundi akwaziwa ukuthi kungani bezame ukushisa isikole? Kusize ukuba usheshe ubonakale umlilo unqandeke,” kusho umthombo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayazi ngezinsolo zokuthi ngabafundi abashise isikole nathe uma lokho kutholakala ukuthi kuyiqiniso, kungaba yishwa elikhulu.
“Siyazi ngalesi sigameko sokushiswa kwesikole. Sisalinde umbiko ogcwele esikoleni nakubahloli mayelana nezinsolo ezithi kuthinteka abafundi. Kungaba yishwa elikhulu kabi uma kutholakala ukuthi abafundi bayathinteka ekushisweni kwesikole sabo,” kusho uMlotshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokushiswa kwesikole.
“Kunecala lokucekela phansi impahla elivulwe esiteshini sasePlessislaer, emuva kokuba kushe i-Science Laboratory esikoleni ngoMgqibelo ngabo-12 emini. Udaba lusaphenywa,” kusho uCapt Gwala.
Kwenzeka lokhu nje, abafundi baka-matric baqalile ukubhala izivivinyo ezandulela ezokuphela konyaka.
Related Topics: