UMFUNDISI Sabelo noLondeka Manyathi ngezikhathi ezimnandi Isithombe: FACEBOOK/LONDEKA MANYATHI
Ibandla i-Life Bible Church International eliseMbali, eMgungundlovu, liyaphenya ngezinsolo ezibhekiswe kumfundisi walo osolwa wunkosikazi wakhe ngokumhlukumeza.
UMfundisikazi uLondeka Manyathi oshade noMfundisi Sabelo Manyathi, ngoLwesibili ubhale ekhasini lakhe kwiFacebook kanje:
“Kulolu suku lokugcina lwenyanga yabesifazane, ngifuna ukukhuluma. Nami ngihlukunyezwe wumyeni wami, umfundisi, ubaba wezingane zami ezine. Yinto enzima kakhulu engibhekene nayo. Nami ngike ngabhekana nesimo sokuba aqonywe kaningi umyeni wami, oyisithandwa sami. Angikwazi nokuchaza ukuthi lokhu kungiphathe kabi kangakanani. Kodwa engikubonayo ukuthi uma ngiqhubeka ngithula, ngizicindezela mina. Ukuze ngikwazi ukuphola kulobu buhlungu, kumele ngikhulume ngabo ngiveze nokuphoxeka kwami. Ngisho noma lokhu kungenzeka ngibekwe amabala noma ngiqondiswe ubugwegwe.”
Kube sekuphendula abantu abahlukene ekhasini lakhe abelokhu ephendulana nabo. Uze waveza nezinsolo zokuthi ugcine esethola ukuthi umyeni wakhe unesoka kodwa waphika, wabe esevuma ukuthi yena wake waqonywa yizintombi ayeziphika ngaphambilini.
Uthe kuqala ukwenzeka lokhu, kuhlukumezeka eminyakeni emithathu edlule waya kumamezala kodwa wangasizakala. Uveze ukuthi umyeni wakhe umbeka isandla nokuyinto eyenzeke emasontweni amabili adlule.
UNkk Manyathi ethintwa ngocingo, uthe uzophendula ngakubhale kwi-Facebook kodwa usadinga ukukhuluma nomfundisi wakhe kuqala.
“Ithini imibuzo yakho, kulungile ke ngizoyiphendula ngalokhu okubone kwi-Facebook kodwa ngisazokhuluma nomfundisi wami,” kusho uNkk Manyathi. Kuthe esethintwa izolo, ubengasatholakali ocingweni.
UManyathi naye olwakhe ucingo belukhala lungabanjwa, uthunyelwe imiyalezo wangayiphendula.
Isitatimende sebandla esithunyelwe ngokhulumela ibandla uMnuz Bonga Ngidi, sithe bayazi ngalokhu okubhalwe umamumfundisi ezikhundleni zokuxhumana, bathi udaba balusingethe.
“Siyibandla nobuholi baseLife Bible Church International, siyazi futhi sikhathazekile ngezinsolo ezibhalwe nguNkk Manyathi ezinkundleni zokuxhumana. Siyakugxeka kakhulu ukuhlukunyezwa ngokobulili, sizibophezele ukuthi noma imuphi umgilwa simeseke. Ngakho siyamncoma uNkk Manyathi ngokungathuli uma ehlukumezeka. Sitholile ngezinsolo ngakho sithathe isinqumo sokuba siphenye ngazo, ukuze sithole isixazululo. Siyasamukela nesicelo sikaNkk Manyathi sokuthatha ikhefu ezintweni zebandla njengomholi nomfundisi naye uthathe ikhefu ezintweni zebandla. Siyaqinisekisa ukuthi siyabeseka uNkk Manyathi noMnuz Manyathi ngalesi sikhathi esinzima. Sithembe bazothola indlela yokuxazulula lesi simo. Ukukhonza ebandleni kuzoqhubeka.”
Kuthintwa osondelene noManyathi ocele ukungadalulwa, uthe bashaqekile ngokuvela kwalezi zindaba.
“UManyathi ngimazi njengendoda ezithobile, lokhu okubhalwe ngaye kwiFacebook kuyasimangaza impela. Namanje sisashaqekile ukuthi kwenzenjani ngoba besazi bethandana bengahlukani?” kusho osondelene nomfundisi.
Omunye umthombo othintwe Isolezwe nawo wacela ukungadalulwa, uthe akukhona okokuqala ezwa ngalezi zinsolo.
“Uma ubheka uLondeka uhlezi eshintsha amaselula, siyasola ibisuke ibulewe endala uma esabisa ngokukhipha izimfihlo. Ukuqonywa kukamfundisi sake sezwa ngakho kodwa besingazi sekukubi ngale ndlela abhale ngayo kwiFacebook,” kusho umthombo.
Related Topics: