THANDEKA MBATHA
UMNDENI wowesifazane osemcane ukhala ngesihluku ngokubulawa kwakhe ngabantu abangaziwa, bamfaka uthayela esithweni sakhe sangasese.
UNksz Thandeka Mbatha (25), utholwe ebulewe eDayeni, eZimpakameni, KwaNongoma, ngoMsombuluko.
Umufi kuvele ukuthi kade ehambe nomngani wakhe beye emcimbini, bafike baziphuzela, esebuyela emuva wahlaselwa.
Udadewabo uNksz Anele Mbatha, ekhuluma neSolezwe izolo, ukhale ngesihluku okubulawe ngaso udadewabo.
“Bahambile ntambama ngeSonto, beya kumngani wakhe kunomcimbi, beyoziphuzela. Kuthiwa emuva kwalokho ngo-18.30, wathi useya ekhaya. Ube esezihambela ngoba umvimbi ubusendaweni. Kusho ukuthi kube khona abamlalele unyendle. Kuthiwa kukhona enye ingane embone emhosheni iyobheka izimbuzi, yathola ukuthi ubulewe. Ingane ibike kubo, kwaphuthunywa, bamfica uThandeka. Ngesingezansi ubenqunu. Ngaphambili isitho sakhe sivalwe uthayela. Ngiyasola baqeda ukumdlwengula base bambulala. Asikatholi ukuthi abantu abamaziyo noma cha. Uma uthatha ukubheka into eyashesha ukwenzeka ngeSonto esanda kuphuma kulo muzi owawunomcimbi,” kusho uNksz Mbatha.
Eqhubeka uthe, “Ngo-11 ebusuku, saya kombheka ngoba sibona engafiki, saya nalapho bekunomcimbi khona, kwathiwa uhambile. Sabuyela ekhaya njengoba size samthola ngoMsombuluko esebulewe. Nokho asikholwa ukuthi umuntu oyedwa obengenza le nto.“
Umthombo weSolezwe osondelene nodaba uthe:
“Uma sizwa, yintombazane ebihambele emcimbini nenye, bephuzile. Sebebuya emcimbini enye yathi iya ekhaya. Bayilalele endleleni abafana bendawo. Bayibamba uma sibheka, bayidlwengula beshintshana. Base beyincisha umoya, nesisola ukuthi ibizosho ukuthi bangobani. Itholwe yingane ebiyobheka izimbuzi,” kusho umthombo.
Umufi kuvele ukuthi akanayo ingane, ubefundela iziqu zokuba uthisha e-Unisa.
Umndeni wakhe uthe ubefike ngoMgqibelo evakashile ezobuyela lapho efunda khona.
Umndeni uthe ufuna kuboshwe abasolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe: “Kuvulwe icala lokubulala KwaNongoma. Owesifazane oneminyaka engu-25 utholwe ebulewe ngokuklinywa. Kusaphenywa.”
Related Topics: