IZIMBALI zikanokusho eziphethwe nguNksz Minenhle Mbatha Isithombe: SITHUNYELWE
NJENGOBA kuyinyanga yothando, isikhathi esiningi kujwayelekile ukuthi abesilisa bathengele izinqandamathe zabo izimbali, ushokoledi nezinye izinto ezikhala kahle ukubathokozisa.
UNksz Minenhle Mbatha (31) waKwaDabeka, eClermont onebhizinisi elidayisa izimbali elibizwa nge-Minnie Mo Creations, uthi abantu bangalindela izimbali zikanokusho ezihambisana newayini kanye ne-champagne.
Ekhuluma neSolezwe uthe leli bhizinisi lakhe waliqala ngo-2023.
"Ngaliqala ngingathembi ukuthi lingase likhule ngale ndlela. Ngiqale ukuzimisela kulo ngawo u-2023 ngoDisemba ngibona indlela abantu abangiseka ngayo nabathenga ngayo izimbali," kusho uNksz Mbatha.
Uthe ngale nyanga yothando izimbali zithengwa ubuthaphuthaphu.
"Kushiyana ngezinyanga indlela izimbali ezithengwa ngayo. Isikhathi esiningi kuvame ukuthi kube abantu besilisa abazithengayo njengoba sithola izicelo ezilinganiselwa ku-10 kuya phezulu zabantu abafuna ukuthengela abathandiweyo babo," usho kanje.
Uthe nentengo yezimbali iyakhuphuka ngalesi sikhathi ngoba zifunwa kakhulu.
"Izimbali ziyashiyana ukubiza kwazo futhi uma kuyile nyanga yezothando ziyakhuphuka ngoba abantu basuke bezifuna ngapha nangapha. Izimbali ezingu-20 ziyaye zibe ngu-R700, ezingu-40 zibe ngu-R1 500, ezingu-60 zibe ngu-R 2 300 kanti ezingu-100 ziba ngu-R3 500," ubeke kanje.
Uthe akagcini ngokuba nebhizinisi lezimbali, kodwa ubuye abe nebhizinisi lokupheka elibizwa nge-Minnie Mo Catering neMinnie Mo Trading PTY LTD.
Related Topics: