IPolo Vivo ingenye yezimoto eziyintandokazi kwaVW
Ilinwebile igebe phakathi kwayo neSuzuki Auto South Africa iVolkswagen Group Africa (VW) ngesibalo sezimoto ezidayisile ngoMashi.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule iSuzuki ibilokhu ilinciphisa igebe phakathi kwayo neVW (ehlanganisa iVW ne-Audi).
Sekuyiminyaka iVW isendaweni yesibili ngokuba yinkampani edayisa kakhulu zinyanga zonke eNingizimu Afrika ngemuva kweToyota South Africa Motors.
NgoJanuwari zahlukaniswa yizimoto ezingu-287. NgoFebhuwari lezi zinkampani zihlukaniswe yizimoto ezingu-112.
Ngokwezibalo ze-naamsa, ngoMashi iVW idayise izimoto ezingu-5 219. ISuzuki ngakolunye uhlangothi idayise ezingu-4 225 nokwenza igebe laba ngu-994.
Ngakolunye uhlangothi igebe phakathi kweSuzuki neNissan linciphe ngezimoto ezingu-340 njengoba iNissan, esendaweni yesine yona idayise ezingu-3 995.
NgoFebhuwari isikhala phakathi kwazo sasingu-2 482.
Kuzona zonke izinkampani iToyota iqhubekile nokuziqengqelezela yodwa njengoba ngoMashi idayise izimoto ezingu-11 524.
Nalu uhlu lwezinkampani ezidayise kakhulu ngoMashi:
Toyota - 11 109
Volkswagen Group - 5 219
Suzuki Auto - 4 335
Nissan - 3 995
Isuzu Motors South Africa - 2 587
Hyundai Automotive South Africa - 2 436
Ford Motor Company - 2 409
GMW SA - 1 564
Chery Auto South Africa - 1 531
Renault - 1 301
Mahindra - 1 163
BMW Group - 1 068
Kia South Africa - 1 007
Mercedes-Benz SA - 567
FAW Trucks - 440
Related Topics: