IMazda BT-50 eyakhiwe ngokubambisana nabakwa-Isuzu
IMazda Southern Africa isimemezele ukuthi iyayeka ukudayisa iveni iMazda BT-50 Double Cab eNingizimu Afrika.
Izoqhubeka nokwakhiwa idayise nakwamanye amazwe.
Leli veni liqale ukudayisa eNingizimu Afrika kusuka ngo-2008, ngaleso sikhathi lalakhiwa ngokubambisana neFord Ranger ePitoli.
Eyakamuva yakhiwa ngokubambasiana ne-Isuzu eThailand. KwaMazda bathi ayenzi kahle emakethe yakuleli, umbango oshubile kuyo.
Isikhulu seMazda SA, uCraig Roberts, uthe ubunzima bokuncintisana namaveni akhiwa kuleli yikho okwenze bathatha lesi sinqumo.
Bathe sekuzoqedelwa isitokwe esisemagaraji futhi ngeke kusalethwa esinye.
KwaMazda bathe ukuhoxiswa kwayo ngeke kuyiphazamisa i-warranty ne-service plan.