I-Isuzu D-Max AT35 bayiphakamisile kuneD-Max ejwayelekile baphinde bayifaka namasondo amakhulu angu-35 inch Isithombe: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: ISUZU D-MAX AT35
Kwamanye amazwe bathi amaveni ngama-truck nokuyigama elingayichaza kahle i-Isuzu D-Max AT35 ngenxa yobukhulu bayo.
Empeleni leli gama le truck liyangena kuyo ngoba u-AT lona umele u-Arctic Trucks, okuyinkampani eshintsha izimoto ezingama-4x4 izenze zikwazi ukuba yiziqwalantaba.
Nakulokhu bathathe i-Isuzu D-Max V-Cross base beyiphakamisa bayenza yathi ukuqumba nasemakhwapheni. Konke lokhu kuyenza igqame wena owabona izigansonso phakathi kwabondile.
Uma uzokhumbula abaqali ukwenza iD-Max AT35 kwa-Isuzu njengoba nasenhlotsheni endala yaleli veni babeyenzile njengoba sebeyibuyisa kulena entsha nje.
U-35 ususelwe kwisondo elingu-35 inch iBF Goodrich All terrain elinamarimu angu-17 inch. Kumele ukufake emqondweni uma uyithenga ukuthi kuzohamba isikhathi kumele ufake amasondo amasha ngakho ungakulindela ukuthi uzongena ugamanxe ephaketheni.
Amasondo lawa bengikubheke ngabomvu ukuzwa ukuthi abambelela kanjani emgwaqeni, ikakhulukazi ngoba kwiFord Ranger Raptor ngangiyizwa ishelela uma uya emajikeni ngamandla.
Ngithe ngishaya amajika aseNdundulu ngayizwa ibambelela ‘langacula’ isondo nokuyinto enhle.
Ngiyibala ngamasibomu iRaptor kule ndaba ngoba ungayifaka njengembangi uma ubheka amaveni amakhulu. Nayo inkulu njengayo iD-Max AT35 le, iphakeme futhi nayo ibiza ngaphezu kwesigidi.
Umehluko wukuthi iRaptor inamandla athe xaxa njengoba engu-292kW enjinini engu-3.0l V6 kaphethroli.
Lapha kwa-Isuzu abayishintshanga, kusafakwe engu-3.0 litre kadizili oyifica kwezinye izinhlobo.
Inamandla angu-140kW netorque engu-450Nm. Ugearbox oyi-6 speed auto usebenza kahle nale njini.
I-AT35 ayigijimi njengeRaptor kodwa amandla ayo enele. Emgwaqeni uyazidlula ezinye izimoto ngale kwenkinga futhi nokuqwala bona oNdundulu laba akulona iqatha eliyibindayo.
Okuhle futhi wukuthi ngethangi likadizili elingu-80 litres uhamba ibanga elingaphezu kuka-600km. Ngihamba ngayo ibidla amalitha angu-9.2 ngo-100km.
Emgwaqeni inakho ukukuxukuza kodwa engikuthanda ngayo wukuthi emgwaqeni evulekile ayidumeli phezulu.
Eyakuqala yayinamashocks akwaFox kodwa kule sebefake awakwaBilstein.
Yikhiphe emgwaqeni uqwale izintaba, isekhaya nalapho. Angithi bayinyusile igabade ilishiye ngo-266mm. Lapho indlela uyibona kahle ngaphandle futhi kovalo lokuthi ishaye phansi. Amadwala uwagibela kungabi ndaba zalutho ngoba ne-approach angle ingu-33 degrees, departure angle ingu-23 degrees kuthi ibreak-over angle ibe ngu-34 degrees.
Ikhona nehill descend control, diff lock kanjalo no-4 low range no-4 high range ukukusiza umelane nezimo osuke uhamba kuzo.
Njengoba isuselwe kwiV-Cross nje, okuyiyo esesicongweni kumaD-Max, kusho ukuthi ifika nazo zonke izinto ongazithola emavenini akwa-Isuzu.
Lapha ngibala amalambu angamaLED namafog lights. Amarimu awawona u-18 inch njengakwiV-Cross, angu-17 inch kodwa isipele singu-18 inch. Ngiyakuthanda ukuthi esikhenkeni kuneroller shutter yokuvikela impahla. Kushoda kuphela ukuthi wengeze irabha phansi ukuze singakwebheki.
Isitebhisi ngeke ungasigxobi uma ungena ngoba iphakeme. Uma umude uzama ukuseqa sizokungcolisa uma kade ushaya ubhuqu.
Ngaphakathi uhlala ezihlalweni zesikhumba futhi ivuleke kahle.
Inakho konke okuthola kwiV-Cross nezokuphepha.
Kunendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay iphinde iveze nengemuva, amawindi kagesi, indawo yokushaja ngemuva, nokunye.
Emgwaqeni uma uzoshayisa iyakuxwayisa, iyakusiza ukuhlala emzileni – okuyinto oyicisha kalula ngebhathini elisesiteringini uma uthanda – iyakutshela uma kunemoto eseceleni nokunye.
Intengo:
R 1,159,900.00
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty neroadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.
Related Topics: