I-JEEP Grand Cherokee elayisha abagibeli abayisihlanu ibukeka ifana nelayisha abayisikhombisa, umehluko wukuthi yona iqoqekile Isithombe: FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: JEEP GRAND CHEROKEE OVERLAND
IJEEP Grand Cherokee ingenye yezimoto ezingagcini kuphela ngokuthandwa ngabantu abanemindeni kepha nosomabhizinisi kanjalo nosopolitiki bayikhonzile.
Lokhu kungenxa yokuthi iyaziwa ngokuba ntofontofo emgwaqeni, iphinde ingabi nankinga noma usuyifaka obhuqwini.
Embangweni wabathengi, ibhekene neMercedes-Benz GLE neBMW X5.
Isizakhele igama nogazi kule minyaka ikhona njengoba iqale ukudayisa ngo-1992 futhi ekhona yinhlobo yesihlanu.
Le Grand Cherokee ifike ngemuva kokuthi kwaJeep belethe elayisha abagibeli abayisikhombisa ngonyaka odlule.
Okwakuqapheleka ngelayisha abagibeli abayisikhombisa wukuthi kwakungaba ngcono ukuba ibinenjini ethe ukuba nkudlwana okanye eneturbo.
Leyo njini iyefana nabayifake kulena elayisha abagibeli abayisihlanu.
Ingu-3.6 litre V6 kaphethroli enamandla angu-210kW netorque engu-344Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-eight-speed automatic.
Amandla azwakala engcono kunelayisha abagibeli abayisikhombisa nokusizwa wukuthi isisindo sayo siphansi uma uziqhathanisa.
Ihamba kamnandi emgwaqweni, ufika umzimba ungebuhlungu lapho uya khona.
Noma kuphela itiyela ungena obhuqwini awushaywa wuvalo lokubhajwa ngoba inazo zonke izinsiza zokuhamba khona.
Okokuqala wukuthi iphakeme, igabade ilishiye ngo-287mm. Ine-air suspension eyenza iphakame noma yehle uma isetiyeleni. Kunamadrive modes ahlukene asiza ukuthi uyitshele ukuthi uhamba kuphi njengoRock, Sand/Mud, Snow, Auto noSport. Iphinde ibe neHill Descent Control kanjalo no-4 wheel-drive low range.
Kwitouchscreen infotainment system iyakuvezela imininingwane ngokuphakama kwesuspension, ukuthi isiteringi sijike ngakuphi nokunye.
Nezokuphepha baziqinisile njengoba ikusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma uzoshayisa, adaptive cruise control nokunye.
Yize inamasensor nekhamera esiza uma upaka kodwa ubuncane bayo kunenkulu kwenza kube lula ukuyipaka futhi nesiteringi silula.
Inkinga yayo wukoma kwaze kweqa njengoba ibidla amalitha kaphethroli angu-13.7 ngo-100km. Yinto engasondele ku-9.9l/100kmh abawusho kubo kwayo.
Yize kunjalo kodwa njengomshayeli awukhaliswa wukudla kwayo uphethroli, uphinde uzwe kukhona abakhala ngesithukuthezi okanye ukumpintsheka ngaphakathi.
Amakhaza yinto oyizwa ngendaba ngoba izihlalo zangaphambili nangemuva ziyashisa kanjalo nesiteringi.
Ivulekile bonke abagibeli abayisihlanu bahlala ngokukhululeka. Ibhuthi nayo inkulu futhi ivuleka ngogesi. Ibhathini lokuyivala balifake ngaphakathi, hhayi esicabheni njengakwezinye izimoto. Yinto oyikhohlwayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi uyayijwayela.
Inezipikha ezikhala kamnandi zeMcIntosh. Kwitouchscreen infotainment system uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Ngiyakuthanda ukuthi yize inetouchscreen kodwa namabhathini asekhona ukwenza kusheshe.
Nomgibeli eceleni unesakhe iscreen lapho angazibukela khona ifilimu uma ethanda. Ngemuva abagibeli banezindawo zokushaja, nabo isithukuthezi ngeke basizwe.
Intengo:
Jeep Grand Cherokee Overland 3.6L 4x4 8AT - R1,559,900
Iphuma ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.
Related Topics: