Igama: The stylish psychologist
Umbhali: Shameema Siddique
Abashicileli: Purple Brain Publishing
OWESIFAZANE oyisifundiswa uzama ukulawula impilo yakhe yasemsebenzini, eyokuba ngunkosikazi neyokuthanda ubukhazikhazi. U-Azra Shah uqashwa yinkampani afike azithele kwezinye izimambane ezingamnambithisi kahle.
Yize enza amaphutha ajwayelekile emuntwini osathuka isisinga emsebenzini kepha ozakwabo abakwamukeli lokho. Usebenza kakhulu nesikhulu senkampani esiyiCFO uJames, usukasambe wensizwa. Kepha kubukeka sengathi uJames uyathanda ukunakwa futhi uyatefa enjalo nje uthanda ukuzihlisa satshayana eduze kuka-Azra.
Kuthanda ukuba nzima emendweni njengoba bengazithola izingane benomyeni wakhe uMirza yize bethandana.
Yinoveli yokuqala kaShameema Siddique, iyatholakala ezitolo.
Related Topics: