Umculi wowokholo uNontokozo Mkhize uthakasele ukudlondobala kwegama lakhe eqokwa kowezindondo
Image: Instagram/nontokozo_mkhizeh
UKUQOKWA eminxeni emithathu emcimbini wokuklomelisa ngezindondo zemikhakha ehlukene emculweni kwenze umculi waseNewtown A, eNanda, enyakatho yeTheku, uNontokozo Mkhize wakholwa wukuthi usethubeni elihle lokukhala emuke nendondo ayibona izosho lukhulu kuyena nasemculweni wakhe.
UMCULI ocula owokholo ne-soul uNontokozo Mkhize
Image: SITHUNYELWE
UNontokozo (26) wodumo lwengoma ethi Esandleni, ukumaciko aKwaZulu-Natal aqokwe kakhulu kuma-Metro FM Music Awards abuya ihlandla lika-19 nonyaka; uqokwe emunxeni we-Best Female Artist, Best Produced Album neBest Gospel Album nge-albhamu yakhe yokuqala ethi Lindiwe, ephume ngoJanuwari 24.
Engxoxweni neSolezwe uthe lokhu kuqokwa kusho lukhulu kuyena futhi kukhombisa ukuthi umculo awenzayo uthola indawo ebantwini abawulalelayo nabawulandelayo.
“Nakuba isemqoka yonke le minxa, kodwa engiwubheke kakhulu ngowe-Best Gospel ngoba uhambisana nesigqi esigqame kakhulu kwi-albhamu yami yokuqala,” usho kanje.
Uthe nakuba kumethusile ukuqokwa eminxeni emingaka, kepha futhi kuyamjabulisa futhi kwenza abone ukuthi kukhona okuhle akwenzayo nokunakekayo ebantwini abamlandelayo.
“Okunye engicabanga ukuthi kungisize kakhulu wukuthi le albhamu iphume ngesikhathi kungekho umculo omningi omusha nolalelwa ngabantu, okwenze abantu baba nethuba elanele lokuyilalelisisa, baze bayithanda,” kusho uNontokozo.
I-Lindiwe ingenye yama-albhamu agila izimanga ezitolo zomculo njengoba isilalelwe ngabantu abangaphezu kuka-11.5 million kwi-Spotify, abangaphezu kuka-13.9 million kwi-YouTube Music nabangephezu kuka-4.2 million kwi-Apple Music.Uma kwenzeka uNontokozo kuba khona indondo ahlabana ngayo nonyaka, kuzobe kungaqali njengoba ekwenzile nangonyaka odlule, ekhala emuka nene-Newcomer of The Year.
Ukuklomelisa abanqobile kuma-Metro FM Music Awards kuzokwenziwa emcimbini ozobe useMbombela Stadium, eMpumalanga ngoMeyi 3.
Khonamanjalo, le ntokazi isiqawalile amalungiselo omcimbi wayo wokucula bukhoma iNontokozo Mkhize Live, ozoba sePlayhouse, eThekwini ngoJuni 21 ngo-8 ebusuku. Amathikitihi alo mcimbi abiza kusuka ku-R350 kuya ku-R500 eWebtickets.
Related Topics: