UNOMBULELO Mhlongo uqokwe emunxeni wabalingisi besifazane abavelele e-Afrika Isithombe:FACEBOOK
INTOKAZI ezakhele ugazi ngokulingisa indawo yomhlengikazi onguSne Mtshali kwiDurban Gen, uNombulelo Mhlongo, uqhathwe nezihlabani zamazwe ngamazwe kumaShining Star Awards.
UNombulelo (31) wasoPhongolo, uqokwe emunxeni weBest Star Actress in Africa, lapho edlana khona imilala nozakwabo abanjengoSila Bisalu waseDemocratic Republic of Congo no-Ann Stella Karim.
Abanye abalingisi besifazane abaqokwe kulo mqhudelwano wezindondo ngoConnie Ferguson, Thabisile Zikhali, Ngele Ramulondi noZodwa Khumalo.
UZodwa noThabisile baqhathwe emkhakheni weBest Star Emerging Actress ekubeni uConnie ekoweBest Star Actress.
Kwenzeka lokhu nje, uNombulelo ungomunye wabalingisi abaqokwe emqhudelwaneni womhlaba iScream Awards 2024.
Lo mlingisi, osebuya kuZalo nakwiSkeem Saam, ukwiTop 10 kumunxa weYouth Actress of the Year, lapho edlana khona imilala noTimini Egbuson, uMercy Eke iGAC Motor yaseNigeria, uLydde Coco, uTirie OY, Tekunbi, Kayade Ojuakope baseNigeria noYolanda waseNingizimu Afrika.
UNombulelo uthe ukujabulele kakhulu ukukhuza ibuya okwesibili kulo mncintiswano. Uma uNombulelo egcina ngokuphumelela, kuzobe kungekhona okokuqala ehlabana emqhudelwaneni osezingeni lomhlaba. Nyakenye ukhale wemuka nendondo yeBest Supporting Actress- Southern/Eastern Africa neBest Actress-Africa kumaZikomo Africa Awards eLusaka, eZambia muva nje.
Wayeqokwe eminxeni emine kodwa wahlulwa emkhakheni emibili, okungowe-Inspirational Woman of the Year noweBest Supporting Actress.
KwiBest Supporting Actress of the Year-Africa, uNombulelo waqumba phansi uNgele Ramulondi, Thando Thabethe, Ziya Zulu, Gista Warsuki, Noele Ramulondi baseNingizimu Afrika nabanye bakwamanye amazwe.
Kwi-Actress Of The Year Southern Africa, wahlula uThabsile Zikhali, Ama Qamata, Rosemary Zimu, Ngele Ramulondi nabanye bakwamanye amazwe.
AbamaZikomo Africa Awards bathi okwawinisa uNombulelo ukuzimisela nokusebenza ngokuzikhandla ekuthuthukiseni ikhono lakhe lokulingisa.
UNombulelo uqale ukuduma kuleli ngokudlala indawo kaNomcebo kuZalo emuva kokuba uCassandra Masemola kwiSkeem Saam. Ufundele ukulingisa esikhungweni saseLos Angeles, e-USA ngo-2010.
Related Topics: