UMCULI uZandie Khumalo Isithombe: Karen Sandison
UZITHINTELE umculi uZandie Khumalo ngengoma ayifake kwi-Instagram, abantu abaningi abayithathe ngokuthi uyibhekise ekushoneni kuka-Advocate Thulani Mngomezulu ongummeli womunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa ngoLwesibili.
UMngomezulu ushone ngemuva kokugula isikhashana obese kumenze wangabonakala nasecaleni.
UZandie, ongomunye wofakazi kuleli cala eliqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli, wayekhona endlini yakubo eVosloorus ngesikhathi kubulawa uMeyiwa ngo-2014.
Izinhlamvu zengoma ayifakille zithi: “Bathinta thina bazofa baphele, imikhonto yethu ingcolile. Sizinsizwa webafana!”
I-video uyinameke wayiphelezela ngezinhlamvu wajobelela ngokuthi, “ubosiphathisa okwezikhali zamaNtungwa”.
U-Olona_Mtintsilana ubuze ukuthi iphuma nini ngoba kade ebagabisela?
“Ayizophuma okwamanje eyesiphrofetho le izophuma sekufeziwe konke ekumele ikufeze,” kuphendula uZandie.
UWhoisxmane uthe: “Ninenhlanhla nathola izinceku zakwaMeyiwa ezithandaza ngisho kungasafanele. Umhlaba lo luyeza olakho usuku.”
UPhumezalufele2 uthe uyayithanda ingoma.
UZonke430 uthe uZandie uyaphoxa kodwa bazokugcina akufakile. Uthe indoda ibiyenza umsebenzi wayo, inzondo engaka eyani?
USinazomaqina uthe kuzogcina uThixo.
UCarolgasa12 ufake umbhalo ohambisana nezinhliziyo othi: “Awungiphoxi sthandwa sami.”
Related Topics: