UZE2 uthi sekuyamkhanyela emculweni yize engene abazali bengawuthandi Isithombe: INSTAGRAM
OWESIFAZANE wokuqala esitebeleni esisha sika-Oskido, iLegend Live, uZethu “Ze2” Nhlangulela (30), uthi ukupikwa engomeni kaKabza De Small kumvulele emathuba emculweni.
Uthe yize engene emculweni abazali bakhe bengathandi kodwa ukuvelela nokuba namandla okondla umndeni wakhe, yikhona okwenze abazali bamnike izibusiso.
“Bengilokhu ngiqopha izingoma kodwa zingadumi. Abazali bavele bakubeka kwasobala ukuthi abahambisani nendaba yomculo ngoba abakholwa ukuthi kukhona umuntu ongaphila ngawo. Ngize ngaba nenhlanhla yokuthi kuvuleke izinto emva kokupikwa uKabza De Small engomeni yakhe iXola, esicula kuyona noNobuhle noYoung Stunna, kanti phambili ikhona nebengike ngayikhipha noZakwe,” kusho uZe2.
Uthe ngenxa yengcindezi yabazali kungakacaci kahle emculweni, uze waphoqeleka ukuthi aye kokwenza i-Logistics Management eNyuvesi yaseZululand. Efunda kulesi sikhungo, uthe ubebuya esikoleni aye kocula kuze kube izinto ziqala ukukhanya ngo-2022.
Le ntokazi edabuka kaBombo, eMzimkhulu, isanda kukhipa iculo layo epike kulona umphathi wayo u-Oskido esihloko esithi Inhliziyo. Uke wacula engomeni ka-Oskido ethi Amalunde kodwa kungokokuqala epika le nkakha kaDJ kweyakhe.
Uthe okunye okumjabulisa kakhulu ukuthi ungowesifazane wokuqala osenkampanini ka-Oskido, i-Legend Live.
“U-Oskido baningi abesifazane asebenegama asebenze nabo kodwa mina ngibe owokuqala ukusayina ngaphansi kwenkampani yakhe. Lokho kusho lukhulu kumina nokuthi sekuyacaca engikwenzayo emculweni. Nabazali bami sebekhululekile ngoba bayabona ukuthi ngiyasebenza ngempela, angidlali. Noma kunjalo kodwa iziqu zami ze-Logistics Management ngisazosebenza ngazo,” kusho uZe2.
Related Topics: