UMLINGISI wemidlalo yethelevishini u-Ayanda Borotho uthuswe wukushona kwewele lakhe elixinwe wukugula lisemcimbini laphelela khona lapho Isithombe: FACEBOOK
UMLINGISI wemidlalo yethelevishini u-Ayanda Borotho, uthi usathukile ngendlela okushone ngayo iwele lakhe, uSandile Ngubane eligule isigubhukane lisemcimbini maqede lashonela kulowo muzi.
Lo mlingisi owagqama kwiSibaya noselingisa kwiSibongile and the Dlaminis, uthe iwele lakhe liphume ekhaya lingaguli laxakwa wukugula lisemcimbini lashona isigubhukane.
“Ubehambe nabangani bakhe beya emcimbini eLamontville, lapho efike waphelela khona. Akucaci ukuthi kwenzekeni kodwa kusolakala ukuthi kungenzeka kube ukudla akudlile okungazwananga naye, wavele wagula esithubeni. Njengoba ebehambile thina sithole sesixoxelwa ukuthi uhlaselwe wukugula esithubeni, abangani bazama ukumphuthumisa esibhedlela washona,” kusho u-Ayanda.
Uthe imthuse kabi indaba yokushona kukamfowabo ngoba ubephila saka.
Uveze ukuthi bengumndeni bashayekile kakhulu ngokushona kwakhe ngoba ethe naye ubesethembele kuyena njengoba kuyibona abadala. Kwabo uthe bebebathathu kuphela, kuyibona bengamawele amadala, nomfowabo omncane asele naye manje.
Uthe uSandile ubengekho kwezikaqedisizungu, wayesebenza waphelelwa wumsebenzi ngesikhathi seCovid-19. Uveze ukuthi ubeseziphilisa ngamabhizinisi amancane abewenza.
Ngokwezinhlelo zokufihlwa kukaSandile, u-Ayanda uthe kuzoba nenkonzo yomngcwabo ekhaya eNtuzuma C, ku-Intshungu Avenue kusuka ngo-8:30 ekuseni bese eyofihlwa emathuneni asekhaya eMgababa.
Ubonge abantu ngokukhombisa uthando nokuzwelana naye kulesi sikhathi sobunzima ababhekene naso bengumndeni.
Related Topics: