INTANDOKAZI yomculo wokholo uFikile Mlomo owamukela umkhuleko azowenzelwa uThinah Zungu nozakwabo emculweni Isithombe: FIKILE MLOMO/ FACEBOOK
AZOKWENZA okwehlukile amaciko aseThekwini ukweseka intandokazi yomculo wokholo, uFikile Mlomo osekuphele izinyanga ezimbili elaliswe esibhedlela ngenxa yokuxinwa wukugula.
Umculi wokholo uThinah Zungu ngokubambisana nozakwabo emculweni, bahlela umkhuleko wokuqoqela lo mculi imali ukuze nendodakazi yakhe ikwazi ukuphila.
Lo mculi usesibhedlela i-Chief Albert Luthuli, eThekwini kanti waqopha ividiyo echaza ngokugula kwakhe, wathi ungeniswe kulesi sibhedlela kulandela ukufa esingezansi.
Lokhu kushaye kwezwela kozakwabo njengoba behlela ukuthi kube nedili lomculo kule nyanga yize usuku oluqondile lungakabekwa.
UThinah ukuqinisekisile lokhu wathi bazolumemezela maduze usuku, nendawo kodwa banxenxa namanye amaciko angafisa ukubambisana nabo asondele ukuze kuzokwenziwa umcimbi ohlangene nosezingeni elimfanele uFikile.
"Sizama ukuvumelana ngosuku lapho kuzosivumela sonke siyiningi simenzele umkhuleko maduze kule nyanga. Sifuna kube into ezosihlanganisa njengabangani bakhe, siyazi njengoba esesibhedlela sonke lesi sikhathi unezidingo okumele abhekane nazo.
“Sifuna ukumkhombisa uthando nokumeseka, sifisa ukuhlangana sikhuleke sidumise bese siqoqa lowo mnikelo esizokwazi ukuwuthola. Sifuna azi ukuthi usemithandazweni yethu, siyamthanda sifisa alulame ngokushesha," kusho uThinah.
Kulo mkhuleko uThinah uthe bafisa ukuqoqa noma u-R50 000 yinqobo nje abantu uma bengaphonsa noma o-R20.
Ephetha uThinah uthe uhlu lwabaculi abazoba yingxenye yalo mkhuleko bazomenyezelwa ngelanga okuzokhishwa ngalo usuku nendawo okuzokwenzelwa kuyo umcimbi eThekwini.
Uthe ngokwesifiso sabo bangathanda ukuthi uFikile abe yingxenye yaleli khonsathi ukuthola lo mkhuleko, kodwa konke kuzoncika esinqumweni sikadokotela.
UFikile utshele leli phephandaba ukuthi usazisiwe ngalo mkhuleko futhi uswele amagama okubonga kuThinah ngokuhlala ema naye kukuhle noma kunzima empilweni yakhe.
"Ngibonga ukuthi uThinah uhlala enami ngoba noma ngibhekene nasiphi isimo ngiyazi uzofika enze konke angakwazi ukungisiza ngakho. Ngibonga nothando nokwesekwa, abantu bayangifonela zonke izinsuku ngisesibhedlela,"kusho uFikile.