Iqembu le-hip hop iDreamteam
Ukhuza ibuya ngemuva kwekhefu leminyaka umcimbi iDubane Summer Break ozoba seShaka Marine World namuhla ngoMgqibelo.
Lo mcimbi uhlelwa yiDreamteam, okuyiqembu le-hip hop elisanda kujoyina iGagasi FM njengabasakazi.
Leli qembu laqala linamalungu amathathu ngaphambi kokushiywa nguMthoko “Dash” Mkhathini (osenguZulu Mkhathini). Manje lisele noLusaso “Saso Ngcobo noTrevor “Trey” Sineke.
IDubane Summer Break, eyayijwayele ukuba ngoSepthemba yagcina ukusingathwa eminyakeni emihlanu edlule.
“Lena yiDubane Summer Break yokuqala kusuka ngo-2019 futhi sesizimisele ngokuba nesikhathi esimnandi,” kusho uSaso.
Uthe akuyona nje ifestiveli kodwa bahlose ukuheha izivakashi eziseduze nezikude ukuthi zibone iTheku njengendawo ezingayivakashela yobumnandi nokungcebeleka.
Kulo mcimbi wobumnandi, abanye bajabulela umculo bebhukuda emanzini njengoba usingathwa eWet n Wild e-Shaka.
Kulo nyaka kuzobe kunandisa uDJ osejwayele ukudlala phesheya kwezilwandle, u-Uncle Waffles, DJ Sox, Zee Nxumalo, Murumba Pitch, Dladla Mshunqisi, DJ Tira, Kweyama Brothers nabanye.
Amasango avulwa ngo-9 ekuseni. Amathikithi adayisa eWebtickets ngoR300.
Related Topics: