UKGOMOTSO Christopher usemenyezelwe ukuthi ungomunye wabalingisi abasha abazobonakala emdlalweni iGenerations: The Legacy azoqala ukubonakala kuwo ngoMashi Isithombe: X
UKGOMOTSO Christopher useveze ukuthi ukuba yingxenye yomdlalo iGenerations: The Legacy ukwenze ngenxa yabalandeli bakhe abalokhu beqhubekile nokumxhasa endimeni.
UKgomotso umenyezelwe ukuba ngomunye wabalingisi abasha bomdlalo okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu eSABC1 ngo-8 ebusuku.
Uzoqala ukubonakala kuwo ngoMashi 14. Uzolingisa indawo kaKeabetswe Moloi, oyiwele likaKhumo Moroka, okuyindawo elingiswa ngu-Aubrey Poo.
“Wumzuzu engiwujabulele kakhulu lona, usho lukhulu kimi. Umdlalo iGenerations: The Legacy ngomunye wemikhulu kuleli futhi ukuba kuwo yinto okungamele uyithathe kancane.
Sengikulindele ngabomvu nami ukubona ukuthi ungubani uKeabetswe “Kea” Moloi nokungena endaweni yakhe. Abantu engibajabulela kakhulu manje ngabantu abalokhu beqhubekile nokungixhasa kukhona konke engikwenzayo kulo mkhakha.
Ukuba kulo mdlalo ngikwenza egameni labo. Ngithi nje abayijabulele le ndawo,“ kuchaza yena.
Uthe ababhali bomdlalo nelinye ithimba elihamba phambili kuwo, bebehlala bemtshela ukuthi bafuna abe yingxenye yomdlalo.
“Nabo bajabule ngoba bangitshelile ukuthi kudala bengifuna emdlalweni, ngakho yisikhathi sami manje futhi ngivumele phezulu ukujoyina umdlalo,” kuchaza yena.
Ababhali bawo umdlalo baveze ukuthi uKeabetswe akafani newele lakhe uKhumo, njengoba evulelekile, eneqiniso futhi ezimisele ukusebenzisa isikhundla sakhe sokuba ngowakaMoroka, ukusiza abantu futhi enze kahle kuwona wonke umuntu asondelene naye.
Bathe ubudlelwane abanabo buhle ngendlela yokuthi bayathembana ukuthi kukhona konke abakwenzayo futhi bayavikelana.
Related Topics: