UBONGANI Fassie ufuna kuphenywe ngemali kamama wakhe uBrenda Fassie, okuyimali yefa athi kumele ize kuye Isithombe: TWITTER
USEGXEKWE kakhulu uBongani Fassie, oyindodana kaBrenda Fassie, ngemuva kokuvela kwemibiko yokuthi ukhala ngokudliwa kwemali yefa lakhe elashiywa ngunina.
Iphephandaba iSunday World, libike ukuthi uBongani ufuna kuphenywe izikhulu ezazisebenza nonina ezazi kabanzi ngemali enguR25 million engaziwa ukuthi yashonaphi. Abantu enkundleni yokuxhumana iTwitter bakhombise ukungazwelani naye.
UBongani uveze ukuthi kukhona izigidi zemali ezidukile emafeni akhe, nezithinta ukukhishwa komculo kanina owayeyisihlabani esasingaconsi phansi kwabakuleli.
Kule mali kukhona enguR1 million okuthiwa yathathwa yisikhulu esithile esasisebenza ngomculo kaBrenda.
Okunye okuvelayo ukuthi umshado kaBrenda nomyeni wakhe, uNhlanhla Mbambo, ekuqaleni okwakuvele ukuthi uyena okwakumele athole konke uma eshona - “wawungaqondile”.
Kuthe sekuphenywa kahle kwavela ukuthi uBongani nguyena okwakumele athole imali njengoba babengashadile ngokusemthethweni.
“Njengendodana yakhe eyodwa, onke amafa akhe kwakumele awele kimi. Kwakunemali enguR25 million okwakumele ngiyithole kodwa yanyamalala. Lokho kwadala ukuthi ngihlangane nabameli bami ukuze kube khona uphenyo oluqhubekayo ngayo,” kusho uBongani.
Ngemuva kokuphuma kwalolu daba, uBongani alufake enkundleni yokuxhumana iTwitter, abantu baveze imibono yabo ehlukene. Abaphawulile bakhombise ukungazwelani naye.
Abanye bamululeke ngokuthi afune umsebenzi ukuze azenzele eyakhe imali.
U-@Maleka4Lerato uthe: “Yenza ezakho izigidi manje Bongani umdala. Ukhulile”.
U-@KhethaKhathide uthe: “Ukube waba indodana enakayo ngabe asikho la”.
U-@antony_skapura uthe: “Hamba uyofuna umsebenzi, sesifikile isikhathi”.
Kwenzeka lokhu nje, uBongani kulindeleke ukuthi abonakale kungekudala kwezinye iziqephu zohlelo i-I blew it kuMzansi Magic.
Imizamo yokuthola uBongani ukuze aziphawulele ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Related Topics: