UConnie Ferguson uzobonakala kwiGenerations: The Legacy ngo-Ephreli elingisa indawo kaKarabo Moroka Isithombe: SITHUNYELWE
KUZOJABULA ababukeli beGenerations: The Legacy njengoba kuzobuya izilomo kuRapulana Seiphemo noConnie Ferguson, okwesikhashana ngenyanga ezayo.
URapulana ulingisa indawo kaTau Mogale, kuthi uConnie adlale ekaKarabo Moroka, kulo mdlalo okhonjiswa kwiSABC1 ngo-8 ebusuku phakathi nesonto.
URapulana ushiye umdlalo ngo-Okthoba ka-2020, njengoba ayeselingisa kosewaphela iThe Queen, kwiMzansi Magic.
I-The Queen ibididiyelwa yinkampani kaConnie, iFerguson Films abephinde alingise kuyo indawo kaHarriet Khoza.
UConnie ubuyele kwiGenerations ngesikhathi isiqala kabusha ngo-2014 isiyiGenerations: TheLegacy. Yayiphele ngemuva kokuxoshwa kwabalingisi ababebambe isiteleka ngenxa yokunganeliseki ngemali. Ushiye ngo-2016 wagxila kwiThe Queen.
Owezokuxhumana eSABC ophikweni lwezinhlelo zethelevishini, uCaroline Phalakatshela, uthe bazishaya isifuba ngokubuya kwabalingisi ngo-Ephreli.
Uthe babuya njengezimenywa ukuzodlala izindawo zabo.
“Singaqinisekisa kubabukeli ukuthi akukhona okokugcina bebona laba balingisi njengoba beyingxenye yomndeni weGenerations: The Legacy,” kusho uCaroline.
Okhulumela iGenerations: The Legacy uChris Morris, uthe akukhona ukuthi kukhona abakugubhayo ngokubuya kwalaba noma yimizamo yokunonga umdlalo.
“Ababhali baphoqeleke ukuba bhalela eziqeshini ezilandelayo ngoba umdlalo ubungeke ukholakale ukube abaveli. Umdlalo umnandi kodwa ubuzoshoda ukube bebengeyona ingxenye yawo,” kusho uChris.
Uthe uTau noKarabo ngabalingiswa ababalulekile abadlalwa kahle nguConnie noRapulana.
“Kuhlale kunokukhala uma abalingiswa behamba emdlalweni ngoba ababukeli bayabathanda.”
Uthe abakabi nalo usuku oluqondile lokuthi bazoqala nini ukubonakala kodwa kuzoba wu-Ephreli.
IGenerations: The Legacy ingumdlalo wesibili ngokubukwa kakhulu kwithelevishini eNingizimu Afrika.
Ngokwezibalo zeBroadcast Research Council of South Africa zangoFebhuwari, lo mdlalo unababukeli abangu-4 006 227. Ulandela Uzalo olushaya ngabangu-5 058378. Endaweni yesithathu yiSkeem Saam esinababukelia bangu-3 521 888.
Related Topics: