IQALILE iyagqilaza namhlanje kumabhayisikobho akwaNu Metro ifilimu esihloko sithi Cocaine Bear Isithombe:SITHUNYELWE
ABATHANDI bamafilimu bakuleli kulindeleke ukuba babheme bakholwe emuva kokubukela ifilimu esihloko sithi Cocaine Bear kumabhayisikobho akwaNu Metro kusukela namhlanje. Lo mdlalo ususelwe odabeni olwenzeka ngempela ngo-1985 lapho ibhanoyi elalihamba umshushumbisi wezidakamizwa laphahlazeka maqede kwalahleka izidakamizwa zohlobo lweCocaine. Ibhele elimnyama lazithola lazidla lezo zidakamizwa. Lashaqeka selizithela phezu kwequlu labantu, okubalwa kulo, amaphoyisa, izigebengu, izivakashi nentsha bethutheleka ehlathini laseGeorgia lapho kuduke khona izidakamizwa.Livuka inja ebomvu, lihlasele kwasani selidakwe yizidakamizwa.
Le filimu iqondiswe ngu-Elizabeth Banks (wodumo kwiCharlie’s Angels nakwiPitch Perfect 2) futhi kulingisa uKeri Russell (The Americans), umnqobi wama-Emmy, uMargo Martindale (The Americans), umnqobi wama-Emmy uRay Liotta (The Many Saints of Newark), Alden Ehrenreich (Solo: A Star Wars Story), O’Shea Jackson Jr. (Straight Outta Compton), Jesse Tyler Ferguson (Modern Family), Kristofer Hivju (Game of Thrones), Kahyun Kim (American Gods), Christian Convery (Sweet Tooth), Brooklynn Prince (The Florida Project) nomlingisi oseyivukane uScott Seiss.
*ICocaine Bear iyaqala ukukhonjiswa kumabhayisikobho akwaNu Metro namhlanje ngoLwesihlanu
Related Topics: