UNOZINTI nokaputeni weMamelodi Sundowns ezakhe eziqhathwe namaqembu neBorussia Dortmund yaseGermany neFluminense yaseBrazil kuGroup F weFifa Club World Cup ezodlalelwa e-USA ngoJuni ka-2025 Isithombe: BACKPAGEPIX
UNOZINTI nokaputeni weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uthi kuvuke uhlevane kuyena ngenkathi ezakhe ziqhathwa namaqembu amakhulu ahlonishwayo ngenkathi kutonyulwa azogadulisana emqhudelwaneni i-Fifa Club World Cup ngoLwesine ebusuku.
UNOZINTI nokaputeni weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uthi kuvuke uhlevane kuyena ngenkathi ezakhe ziqhathwa namaqembu amakhulu ahlonishwayo ngenkathi kutonyulwa azogadulisana emqhudelwaneni i-Fifa Club World Cup ngoLwesine ebusuku.
ISundowns ikuGroup FC obophele iBorussia Dortmund yaseGermany, iFluminense yaseBrazil ne-UIsan HD yaseSouth Korea kulo mqhudelwano ozodlalelwa e-USA, ngoJuni.
Yize uWilliams ejabule ngokuqhathwa kwezakhe nala maqembu, kodwa akafihli ukuthi ubengakujabulela kakhulu ukubona amaSandawana eqhathwa neManchester City eqoqweni labo.
“Kuqubuke uhlavene kimi wukwethuka, kodwa kwaba mnandi ukubona igama leMamelodi Sundowns liphezulu laphaya namaqembu aphezulu. Njengamanje siseMorocco lapha silungiselela khona umdlalo weChampions League. Kube yinto emnandi ukuthi singabadlali sibe ndawonye sabuka kuqhathwa amaqembu.
Ukuba yingxenye yomqhudelwano omkhulu kanje yinto enkulu kukodwa nje. Kukhulu kakhulu ukuthi noma yiliphi iqembu ozodlala nalo uzobe udlala nezingqwayingqwayi,” kusho uWilliams.
“Bekungaba mnandi ukuba bekukhona iManchester City eqoqweni lethu ngoba indodana yami ingumlandeli omkhulu wayo. Ngiyalithanda ibhola elidlalayo (iMan City), bekungaba mnandi ukubhekana nabo, kodwa ngijabule ngala maqembu esiqhathwe nawo.”
Ebuzwa ukuthi bazimisele ngokwenza kanjani eqoqweni uGroup F abakeliswe kulo, uWilliams uzwakale enokuzethemba okukhulu ngezakhe.
“Yiqoqo elihle leli esiqhathwe kulona, yize sazi ukuthi alikho elizoba lula. Kanti-ke futhi yinto enhle ukuthi kunamaqembu esiwaziyo njengeFluminense esidlala isitayela esifanayo futhi sihleleke ngendlela efanayo nabo. Kukhona neBorussia Dortmund, enginesiqiniseko sokuthi kukhona ekhempini yethu okujabulelayo ukuba kwethu seqoqweni eliloda nayo, okunguTashreeq Matthews (esho sakuncokola).
“Udlalile kuyona (iDortmund) ngakho lokho kuzoba kuhle kakhulu kuyena. Bese kuba khona i-UIsan yaseSouth Korea, esaziyo ukuthi inabadlali abaqinile abadlala ibhola elisheshayo uma kuyiwa phambili.
“Kukho konke sijabule, simagange ngokuzibona sigijima kulo mqhudelwano weFifa Club World Cup,” kuphetha uWiliams.
ISundowns iseMorocco lapho izotholana phezulu khona phezulu ne-AS FAR Rabat emdlalweni kaGroup B wesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League, eStade Al El Abdi, e-El Jadida, namuhla ngo-9 ebusuku.
Related Topics: